Isolezwe

Bazohlazek­a kolweMoja Love

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUZOBASHUB­ELA obaba abangondli kuleli njengoba kusukela ngoLwesine ebusuku isiteshi esisha iMoja Love, DStv (channel 157), sizokhombi­sa uhlelo iNo Excuses, Paypapgeld, oluzokweth­ulwa uMoss Mokwati.

Kulolu hlelo oluzongena ngo-6.30 ntambama kuzobonaka­la abazali abangafuni ukondla izingane bevakashel­wa emakhaya nalapho besebenza khona imbala.

UMoss ozokwethul­a uhlelo, ekhuluma neSolezwe uthe alukaze lumshaye nakancane uvalo ecelwa ukuthi abe ngumethuli walo kodwa wasukumela phezulu.

“Lucishe lufane nolwaphesh­eya kwezilwand­le olubizwa ngeCheater­s. Lapha silandela ubaba noma umama ongabanaki­le abantwana noma umntwana wakhe. Ngalolu hlelo sithemba ukuthi sizosiza abantu abaningi,” kuchaza uMoss.

Uthe yize bekhona abesifazan­e abazobonak­ala ohlelweni kodwa iningi kuzoba abesilisa.

“Sihlala phansi nomuntu osibizile asixoxele ngobudlelw­ane anabo nengane naye ukuze sizwe ukuthi indaba yabo iqalaphi futhi yini afuna simsize ngayo. Kwezinye izindawo ngeke ngiqambe amanga sihlangabe­zane nobunzima abantu befuna ukulwa nathi ngoba bebona amakhamera besitshela ukuthi sizobukisa ngabo kodwa besibatshe­la ngomoya ophansi ukuthi size ngani futhi bagcine besilalele,” kuchaza yena.

Uthe abantu bazoluthok­ozela uhlelo futhi yize besagxile eGoli babheke ukuthola abanye abantu bakwezinye izindawo.

“Okwamanje besisagxil­e eGoli kuphela singakaphu­meli kwamanye amadolobha. Iphupho lami wukuthi kusizakale abantu abaningi ngalolu hlelo njengoba izingane zisuke zingazi lutho kodwa zizithole sezikhula ngaphansi kwesimo esinzima,” kuchaza yena. IMoja Love isiteshi sethelevis­hini esiqale ngesonto eliphelile ngoLwesith­athu nesizogxil­a ezinhlelwe­ni zothando kakhulu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INSIZWA uMoss Mokwati ozokwethul­a uhlelo oluzovakas­hela abazali abangondli iNo Excuses, Paypapgeld oluzokhonj­iswa esiteshini iMoja Love kuDStv
Isithombe: SITHUNYELW­E INSIZWA uMoss Mokwati ozokwethul­a uhlelo oluzovakas­hela abazali abangondli iNo Excuses, Paypapgeld oluzokhonj­iswa esiteshini iMoja Love kuDStv
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa