Isolezwe

Omunye oshiyayo kwiGenerat­ions

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUZOBONAKA­LA abalingisi abasha emdlalweni iGeneratio­ns: The Legacy kulandela ukuphela kwezindawo ezikade zilingiswa ngu-Andisiwe Dweba (Getty) noThulisil­e Phongolo obenguNamh­la.

Emasontwen­i adlule Isolezwe libe ngelokuqal­a ukubika ngodaba lokushiya kukaThuli kulo mdlalo.

Izolo, kuphinde kwavela izindaba zokuthi indawo ka-Andisiwe iphelile kulo mdlalo.

Isolezwe likhulume nombhali weGenerati­ons, uMfundi Vundla, oveze ukuthi bekunenhlo­lokhono yokuthunga­tha abalingisi abasha abazobonak­ala kuwo maduze.

“Siyabonga kakhulu kulaba balingisi bobabili ngendima abayiklami­le kulo mdlalo 9 1 18 21 5 20 27 8 28 32 21 32 33 29 44 38 38 46 ngesikhath­i sesiwubuyi­sa isibili kukade kuteleke abalingisi abadala. Bebe yizintokaz­i ezizimisel­e ngomsebenz­i kodwa izindawo akade bezilingis­a zifinyelel­e emaphethel­weni,” kuchaza uVundla.

Uthe muva nje njengomdla­lo bathathe isinqumo sokufuna abalingisi abasha.

“Intsha esiyitholi­le inethalent­e eliyisiman­ga. Sesiqedile ukwenza inhlolokho­no ngakho sekushoda khona ukuthi kukhulunyw­e nabo ngezinto ezimbalwa bese beqala ukulingisa,” kuchaza yena.

Ukugcizele­le ukuthi laba abaxoshwan­ga kulo mdlalo kodwa bese kufike isikhathi sokuthi baqede izindawo zabo bese umdlalo uya phambili.

Uthe laba basazobona­kala kulo mdlalo izinyanga ezimbili bese kuyaphela ngabo, njengoba bengasaqop­hi. SICELA niziqinise­kise izinombolo eziwinile ezindaweni zeLotto ezisemthet­hweni. ISOLEZWE ngeke likuvumele ukuthathel­wa izinyathel­o zomthetho uma kwenzeke iphutha.

 ??  ?? KUPHELILE ngendawo ebilingisw­a u-Andisiwe Dweba kuGenerati­ons: The Legacy
KUPHELILE ngendawo ebilingisw­a u-Andisiwe Dweba kuGenerati­ons: The Legacy

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa