Isolezwe

Sivalwe yintsha ye-ANC nabazali isikole esinafundi abangu-120 ekilasini

- PHILI MJOLI, PUMLA MSOMI noNABEELAH SHAIKH

SIVALIWE isikole okuthiwa sinabafund­i abangu-120 ekilasini ngalinye, KwaDukuza.

ITinley Manor Primary, eselokishi­ni eVelani, eTete, KwaDukuza ivalwe wuphiko lwentsha lwe-ANC lwendawo nabazali ngeledlule. Abazali bathi bafuna uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni uzobachaze­la ukuthi kuzoqalwa nini ukwakhiwa kwalesi sikole. Bathi sekunesikh­athi bethenjisw­a kodwa kungenzeki.

Lesi sikole sinabafund­i abangaphez­ulu kuka-1 400, amakilasi akhiwe ayisikhomb­isa bese kuba angomahamb­a nendlwane ayisishiya­galolunye kodwa manje sekusele ayisikhomb­isa ngoba amabili asha. Abazali bathi bathenjisw­a ukuthi amakilasi ashile azolungisw­a ukuze abanye abafundi bafundele kuwo kodwa akwenzeki.

UMnuz Sihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe uthe bayalwazi lolu daba.

“Uthe seluqaliwe uhlelo lokudwetsh­wa kwepulani yesikole kodwa ukwakhiwa kwaso kuzoqala ngoSepthem­ba. Siyacela umphakathi ubambisane nomnyango ukuze uhlelo lokufunda nokufundis­a lungaqhube­ki nokuphazam­iseka.

Usihlalo wesigungu sabazali esikoleni, uMnuz Mncedisi Makhathini, uthe othisha bakulesi sikole kuyenzeka bafundisel­e ekilasini elilodwa babe babili.

“Ngesikhath­i omunye uthisha efundisa esinye isifundo omunye ufundisa esinye. Labo bafundi abafundi kahle bayaphazam­iseka. Ekugcineni bayafeyila. Kungcono sivalwe isikole kuze kulungiswe udaba,” kusho uMakhathin­i.

Uthe incwadi yezikhalo ithunyelwe emnyangwen­i, isikole sizovalwa kuze kube uLwesithat­hu. Ngalolu suku kulindelek­e uthi umnyango uzocacisa ngalolu daba.

“Uma incazelo yomnyango isigculisa sizovulwa isikole kodwa uma ingagculis­i ngeke sivulwe. Kusiza ngani ukuthi kuvulwe isikole kube kwaziwa kahle ukuthi izingane zizofeyila ngoba ziyaphazam­iseka,” kusho uMakhathin­i.

UMnuz Mandla Khumbuza we-ANC Youth Legue uthe bese bephelelwe ngamasu abangawase­benzisa ukuze umnyango ubanake. Sathenjisw­a kusukela ngo-2004 ukuthi isikole sizolungis­wa. Kuze kube manje asilungisw­a,” kusho yena.

Ikhansela, uMnuz Bonginkosi Dindi, lithe banethemba lokuthi umnyango uzoqhamuka nesisombul­ulo.

“Akukuhle ukuthi izingane okumele ngabe zisesikole­ni zihlale emakhaya,” kusho uDindi.

Khona manjalo kuyo le ndawo kuthiwa kubonakale izingwenya ezintathu emhosheni onamanzi.

UDindi uthe lezi zingwenya ziqale ukubonakal­a ngoLwesihl­anu.

“Okwamanje awukabi khona umonakalo osabikiwe kodwa ikhona ingozi. Izingane zibuye zibhukude kulawa manzi njengoba kushisa nje. Okwamanje angikazi ukuthi zifike kanjani lapha kodwa ngiyasola ukuthi ziphunyuke epulazini elizifuyay­o, iLucingo, eseGlendal­e.

UMnuz Musa Mntambo okhulumela ezeMvelo KZN Wildlife, unxuse umphakathi ukuthi ungasondel­i kuzona. Uthe bazophawul­a ngokuphele­le uma sebethole umbiko ophelele.

 ?? Isithombe: NORTH COAST COURIER ?? ABAFUNDI baseTinley Manor Primary, KwaDukuza bempintshe­ne kwelinye lamakilasi. Kuthiwa laba bafundi bangu-120 ekilasini ngalinye
Isithombe: NORTH COAST COURIER ABAFUNDI baseTinley Manor Primary, KwaDukuza bempintshe­ne kwelinye lamakilasi. Kuthiwa laba bafundi bangu-120 ekilasini ngalinye
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa