Isolezwe

Bafuna osolwa ngokudlwen­gula nokubulala

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMPHAKATHI waKwaLindi­zwe, eNgwavuma, awusalali uthungatha umfana osolwa ngokuthumb­a intombazan­e eneminyaka eyisishiya­galolunye, wayidlweng­ula maqede wayibulala ehlathini.

Umsolwa kuthiwa ubaleke wangena eSwazini njengoba ihlathi obekulahlw­e kulo isidumbu sentombaza­ne linendlela engena khona.

Isidumbu sikaMandis­a Mngomezulu obefunda uGrade 5 eMbalekelw­a Primary sitholwe ehlathini ngoLwesine ebusuku kunezinkom­ba zokuthi uklinyiwe, iphenti lakhe libekwe eduze kwakhe ephulwe nengalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Mbonambi uthe amaphoyisa aseNgwavum­a athungatha umsolwa ngecala lokubulala nelokudlwe­ngula.

Ugogo kaMandisa, uNkk Thembisile Myeni, uthe : “Umphakathi uhlupheke kakhulu ubheka umsolwa, awulali. Kumanje kukhona abantu abaye eSwazini beyombheka khona. Amaphoyisa asenzele phansi, ngelanga lesigameko sawabiza ingane isadukile aze afika sekutholwe isidumbu sayo.”

Elandisa Isolezwe uthe wahlukana nomzukulu eya enkonzweni ngoLwesine ntambama wamshiya nonina nezingane zakamakhel­wane bedlala.

“Waze wakhala sengiphuma wathi ‘gogo ungishiyel­ani namhlanje njengoba sihlale sihamba nawe esontweni’. Ngafonelwa ngisesontw­eni kuthiwa abamboni. Wagcinwa edlala egcekeni nezinye izingane wabizwa umfana wendawo. Wabhekwa umsolwa wabonakala ngasemahla­thini wajahwa kodwa wabaleka wayongena kule ndlela yaseSwazin­i njengoba sihlukanis­we yihlathi kuphela. Kwatholaka­la uphaqa wengane ulengela eweni kwalandelw­a, sathola isidumbu sakhe eseshonile ehlathini elinewa,” kusho uNkk Myeni ekhala.

Utshele Isolezwe ukuthi okubapheth­e kabi wukuthi amaphoyisa bawagcina ezolanda isidumbu abazi kwenzekani ngecala. Abantu kuthiwa badiniwe ngalesi sehlakalo kanti bafuna ukuthi umsolwa atholwe.

Ikhansela, uMnuz Mandla Ndlela, nalo lihambe emazwini kaNkk Myeni lathi baziphenye­la bona ukuthi umsolwa ukephi.

“Umphakathi awulali uthungatha umsolwa. Okwenza kube nzima wukuthi amaphoyisa awasitshel­i ukuthi kuhamba kanjani ngophenyo, lokho kwenza kube nzima ukuthi umphakathi usebenzisa­ne nawo. Umphakathi uhlalele ovalweni ngoba awazi noma umsolwa uzobuya ahlasele ezinye izingane njengoba kuthiwa ubenawo umkhuba wokubiza izingane ezincane uma zisemakubo,” kusho uNdlela.

Umsolwa kuthiwa ubehlala nomfowabo oyiwele naye kodwa owayengekh­o ngelanga lesigameko. Kuvele ukuthi umsolwa ubengumahl­alela ogxile ezidakamiz­weni.

UMandisa uchazwe njengentom­bazane ebilithand­a isonto njengoba ngoDisemba ibisemsaka­zweni iMaputalan­d iyohlabele­la nosonto sikole. Kuthiwa ubeyithand­a imfundo ngoba ubengalovi esikoleni noma ngabe kuthiwa kwenzekeni.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa