Bazikhulula obala erenki yamatekisi
BAZIKHULULA esigangeni abashayeli nabagibeli bamatekisi erenki yaseNanda eseMakethe, eThekwini.
Amathoyilethi akule renki bathi avalwa ngo-5 ntambama kodwa amatekisi asebenza kuze kushaye u-10 ebusuku.
Uma esevaliwe amathoyilethi, abashayeli nabagibeli abasuke bemi kolayini abade, belinde amatekisi uma kwenzeka bedinga ukuzikhulula, bacasha ngamatafula okudayiselwa kuwo.
Abesilisa kuthiwa bawuhloma noma yikuphi umchamo, ugeleze kuzo zonke izingxenye zerenki.
UMnuz Raphael Khuzwayo, imenenja yerenki, uthe sebezame izikhawu eziningi ukukhuluma nabasebenzi abahlanza amathoyilethi, bebabuza ukuthi avalelwani ngalesi sikhathi. Uthe babatshela ukuthi umqashi wabo ubatshele ukuthi abavale ngalesi sikhathi.
“Sesike sawakhiya ngezingidi zethu satshela abasebenzi ukuthi sizowavula uma sekufike umphathi wabo. Sasifuna ukuthi afike sibonisana naye ngale nkinga kodwa akafikanga. Ngo-6 irenki isuke inabagibeli abaningi belinde amatekisi. Abanye basuke bephuzile, abanye bayagula abakwazi ukuzibamba. Uma kukhona oxinekayo uyazibonela ukuthi uzikhulula kuphi. Asisethuki uma sibona umuntu echama phambi kwethu. Ngeshwa amatafula abadayisayo yiwona okuchanyelwa kuwo ngoba basuke bezama ukuzisitha. Ngakusasa kuphekwa kuwo ukudla, esizokudla,” kusho uKhuzwayo. UNksz Veliwe Ziphumeza onetafula odayisa ukudla okuphekiwe uthe uselahlekelwe nangamakhasimende acabanga ukuthi uyinuku ngoba lapho esebenzela khona kuyanuka. “Zonke izinsuku ngifika ngihlanze itafula ngoshibhoshi kodwa ngemuva kwami kuhlale kunedamu lomchamo, elinukayo,”
UNksz Ziphumeza uthe sebezame kaningi ukukhuluma nomasipala ngalolu daba.
“Okubuhlungu wukuthi siyawakhokhela amatafula, sikhuthazwa ngenhlanzeko manje sizokwenzenjani njengoba singakwazi ukulawula lesi simo,” kushi yena.
UMnuz Siphamandla Ndlovu ongumshayeli wetekisi uthe ngisho namatekisi asuke epakwe kule renki ayanuka.
“Amatekisi siyawawasha kodwa akuzwakali ngoba ama endaweni enukayo, ngesikhathi evuliwe iphunga lingena ngaphakathi. Ngisho nabantu besifazane bayazijuba bachame endaweni engafanele ngoba amathoyilethi avaliwe. Asazi noma asinakwa ngoba vele kwaziwa ukuthi abantu abashayela amatekisi abazi lutho ngenhlanzeko noma yingoba kunenkinga,” kusho yena.
UNksz Tozi Mthethwa okhulumela umasipala weTheku uthe ngokwenkontileka abanayo irenki yaseNanda igcina ngo-6 ntambama ukusebenza. Le nkontileka uthe ihambisana nakho ukuvalwa kwawo amathoyilethi.
“Amathoyilethi ayavalwa ebusuku ngenxa yezizathu zokuphepha. Uma engavaliwe acekelwa phansi kube nemibiko yobugebengu okuthiwa benzelwa kuwo. Uphiko lwezokuthutha lukamasipala luyasebenzisana nososeshini kodwa lolu daba alukaze lubikwe kulo. Asikwazi ukubeka amathoyilethi angomahamba nendlwane lapho kunengqalasizinda yokuthuthwa kwendle,” kusho yena