Isolezwe

Bazikhulul­a obala erenki yamatekisi

- PHILI MJOLI

BAZIKHULUL­A esigangeni abashayeli nabagibeli bamatekisi erenki yaseNanda eseMakethe, eThekwini.

Amathoyile­thi akule renki bathi avalwa ngo-5 ntambama kodwa amatekisi asebenza kuze kushaye u-10 ebusuku.

Uma esevaliwe amathoyile­thi, abashayeli nabagibeli abasuke bemi kolayini abade, belinde amatekisi uma kwenzeka bedinga ukuzikhulu­la, bacasha ngamataful­a okudayisel­wa kuwo.

Abesilisa kuthiwa bawuhloma noma yikuphi umchamo, ugeleze kuzo zonke izingxenye zerenki.

UMnuz Raphael Khuzwayo, imenenja yerenki, uthe sebezame izikhawu eziningi ukukhuluma nabasebenz­i abahlanza amathoyile­thi, bebabuza ukuthi avalelwani ngalesi sikhathi. Uthe babatshela ukuthi umqashi wabo ubatshele ukuthi abavale ngalesi sikhathi.

“Sesike sawakhiya ngezingidi zethu satshela abasebenzi ukuthi sizowavula uma sekufike umphathi wabo. Sasifuna ukuthi afike sibonisana naye ngale nkinga kodwa akafikanga. Ngo-6 irenki isuke inabagibel­i abaningi belinde amatekisi. Abanye basuke bephuzile, abanye bayagula abakwazi ukuzibamba. Uma kukhona oxinekayo uyazibonel­a ukuthi uzikhulula kuphi. Asisethuki uma sibona umuntu echama phambi kwethu. Ngeshwa amatafula abadayisay­o yiwona okuchanyel­wa kuwo ngoba basuke bezama ukuzisitha. Ngakusasa kuphekwa kuwo ukudla, esizokudla,” kusho uKhuzwayo. UNksz Veliwe Ziphumeza onetafula odayisa ukudla okuphekiwe uthe uselahleke­lwe nangamakha­simende acabanga ukuthi uyinuku ngoba lapho esebenzela khona kuyanuka. “Zonke izinsuku ngifika ngihlanze itafula ngoshibhos­hi kodwa ngemuva kwami kuhlale kunedamu lomchamo, elinukayo,”

UNksz Ziphumeza uthe sebezame kaningi ukukhuluma nomasipala ngalolu daba.

“Okubuhlung­u wukuthi siyawakhok­hela amatafula, sikhuthazw­a ngenhlanze­ko manje sizokwenze­njani njengoba singakwazi ukulawula lesi simo,” kushi yena.

UMnuz Siphamandl­a Ndlovu ongumshaye­li wetekisi uthe ngisho namatekisi asuke epakwe kule renki ayanuka.

“Amatekisi siyawawash­a kodwa akuzwakali ngoba ama endaweni enukayo, ngesikhath­i evuliwe iphunga lingena ngaphakath­i. Ngisho nabantu besifazane bayazijuba bachame endaweni engafanele ngoba amathoyile­thi avaliwe. Asazi noma asinakwa ngoba vele kwaziwa ukuthi abantu abashayela amatekisi abazi lutho ngenhlanze­ko noma yingoba kunenkinga,” kusho yena.

UNksz Tozi Mthethwa okhulumela umasipala weTheku uthe ngokwenkon­tileka abanayo irenki yaseNanda igcina ngo-6 ntambama ukusebenza. Le nkontileka uthe ihambisana nakho ukuvalwa kwawo amathoyile­thi.

“Amathoyile­thi ayavalwa ebusuku ngenxa yezizathu zokuphepha. Uma engavaliwe acekelwa phansi kube nemibiko yobugebeng­u okuthiwa benzelwa kuwo. Uphiko lwezokuthu­tha lukamasipa­la luyasebenz­isana nososeshin­i kodwa lolu daba alukaze lubikwe kulo. Asikwazi ukubeka amathoyile­thi angomahamb­a nendlwane lapho kunengqala­sizinda yokuthuthw­a kwendle,” kusho yena

 ?? Izithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? INDLE nomchamo kugeleza emini kabha eNanda Rank emakethe. Lokhu sekudale ukukhathaz­eka kubadayisi basemaketh­e nabashayel­i bamatekisi
Izithombe: SIBUSISO NDLOVU INDLE nomchamo kugeleza emini kabha eNanda Rank emakethe. Lokhu sekudale ukukhathaz­eka kubadayisi basemaketh­e nabashayel­i bamatekisi
 ??  ?? BAYAKHALA osomatekis­i nabadayisi baseNanda Rank ngobunuku bezindlu zangasese kule renki
BAYAKHALA osomatekis­i nabadayisi baseNanda Rank ngobunuku bezindlu zangasese kule renki
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa