Isolezwe

Kugule omunye kulungisel­elwa umngcwabo wowadla imbuzi

- NONTUTHUKO NGUBANE

ALIBANGE lisamngcwa­ba umfowabo oshone emuva kokudla inyama yembuzi, ilunga lomndeni wakwaZondi eSigodini, eMgungundl­ovu, eligule isigubhuka­ne laphuthuny­iswa esibhedlel­a izolo lijuqwa yisisu okusolwa ukuthi nalo ladla le nyama.

UMnuz Moses Zondi (53) uphuthunyi­swe esibhedlel­a sase-Edendale ejuqwa yisisu. Ungomunye wabadla inyama yembuzi ngeledlule.

Izolo, bekufihlwa uMnuz Mandla Phineus Zondi oshone ngemuva kokujuqwa yisisu, abanye kuvele ukuthi bayangena bayaphuma esibhedlel­a kodwa isisu sibuye sibajuqe baphindele khona.

“Angikwazan­ga ukufihla umfowethu ngoba isisu sivele sangiphath­a kanzima ekuseni. Ngiphuthun­yiswe esibhedlel­a njengoba sengikwazi nokukhulum­a nawe. Ngiphathek­e kabi ngoba ngisahlezi esibhedlel­a kusho ukuthi umgcwabo womfowethu ngeke ngisawufic­a. Inyama ngayidla kodwa ngangagula ngaleso sikhathi,” kusho uZondi.

UMnuz George Mkhize okuyisekhw­eni lakhe kaZondi uthe bathwale kanzima ngomngcwab­a abantu bengafuni ukuyilokot­ha inyama yenkomo ebihlatshi­we.

“Kuhlatshwe inkomo yokuphelez­ela ohambile, imbuzi ayizange ibekhona. Kuthe sekuphunyw­a emathuneni kwahlakaze­kwa abanye omakhelwan­e besaba ukudla inyama yenkomo ebihlatshi­we,” kusho uMkhize. Amanazaret­ha kuthiwe anikeziwe inyama aziphekela egcekeni. Isolezwe ngoMgqibel­o libike ngalolu daba, laveza ukuthi uNkk Jabu Mkhize, ubesesonge­lwa wumphakath­i omsola ngokuthaka­tha, uthi ubeqonde ukubulala abantu njengoba yena engazange agule. Bakhona abanye abasesibhe­dlela yize abanye sebephumil­e. Ngokusho kukaMkhize, kukhona abathe bavela eMnyangwen­i wezeMpilo abathatha ujeqe nenye inyama bayokuhlol­a ngeledlule.

“Siyathemba ukuth uma inyama isihloliwe sizokwazi ukuthi bekukhona yini inkinga ngayo,” kusho uMkhize.

Inyama yembuzi kuthiwa kwakungeyo­msebenzi. Yadliwa emuva kwesikhath­i kwaba khona abagulayo. Kwaqale kwaphuthum­iswa abawu-7 esibhedlel­a e-Edendale, kwabuye kwalandeli­swa ngabangaph­ezu kuka-10. Bacela ku-20 abantu okuthiwa bangeniswe esibhedlel­a.

UDkt Bongani Nxumalo, onengosi yezempilo kwiSolezwe NgoMgqibel­o uthe uma abantu begule ngale ndlela, kungenzeka ukuthi inyama yangenwa wukungcola okuthile base beguliswa yi-Food Poisoning. Alikho icala alivuliwe ngokushona kukaZondi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa