Isolezwe

Uhlaba abaholi abeba imali ye-IFP

- MLUNGISI GUMEDE

UMHOLI we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, ukhwele wadilika kubaholi benhlangan­o yakhe abasola ngokukhwab­anisa imali ecishe ibe ngaphezu kuka-R3 million yobulungu.

Ekhuluma enkundleni yezemidlal­o kwa-C KwaMashu izolo, emcimbini wokwethula umkhankaso weqembu njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelon­ke ngonyaka ozayo, uButhelezi uchaze abaholi abebe le mali njengamase­la wathi kumele bayibuyise.

“Kungizwisa ubuhlungu ukuthi kunabaholi asebethath­e amabhuku obulungu ekomkhulu lamahhovis­i ethu abangakaze bayibuyise imali yawo, ngale ndlela sebekhwaba­nise le mali efanele ukuba ngeye-IFP, eminyakeni edlule sebekhwaba­nise imali engaphezu kuka-R3 million, cabangake ukuthi ngabe senzani ngalesi samba semali,” kusho uButhelezi.

Uthe impilo ye-IFP incike emalini yobulungu ekhokhwa ngamalungu abo.

“Ngiyanikhu­thaza ukuba nikhokhe, nxa ningakwazi nenze abaholi bakwazi ukuziphend­ulela, babe novalo lokuthumel­a imali yobulungu benu kwi-IFP, yikho khona lokhu okuncane okungahlan­gana kwenze umfudlana,” kusho uButhelezi.

Uthe uvamile ukukhuluma nabantu ngokuvusel­ela ubulungu babo, wengeza ngokuthi bahlale bemtshela ukuthi kunzima kangakanan­i ukukhokha uR10 wobulungu. “Le mali ikhokhela izindleko zeqembu iphinde isize noma sekwenziwa imikhankas­o yokhetho,” kusho uButhelezi. Uphinde wanxusa amalungu enhlangano yakhe ukuthi enze isiqinisek­o sokuthi ayiqenda nya indaba yezinhlang­othi enhlanganw­eni. “Ngiyanicel­a ukuba niyiyeke le nto yezinhlang­othi ngoba izolibulal­a nya iqembu lethu, ngiyezwa ukuthi sekukhona o-KKK no-AU lapha ngaphakath­i enhlanganw­eni,” kusho uButhelezi. U-KKK kuthiwa umele ukuthi Kuhle Kuhambe Kahle, u-AU umele ukuthi Abusekho Ubunzima. UButhelezi uthe banqabile ukuthi baye ezingqungq­utheleni zabo ngoba bengafuni ukuthi kuphume imiphumela ephekiwe njengoba kukhona amaziko ayizipoki.

Uthe bathathe isinqumo sokuthi bazihlehli­se izingqungq­uthela ngoba behlonipha amalungu abo.

UButhelezi uphinde waphawula ngokwesula kobenguMen­gameli uMnuz Jacob Zuma wathi ukwesula kwakhe kuzovula ithuba loshintsho lapha eNingizimu Afrika.

Uthe kodwa akuyena uZuma kuphela oyinkinga, wengeza ngokuthi inkinga idalwa yimigomo ye-ANC okumele kuliwe nayo.

Unxuse abavoti ukuba bayijezise i-ANC ngokungayi­voteli okhethweni lwangonyak­a ozayo.

 ?? Isithombe: MLUNGISI GUMEDE ?? UMHOLI we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, ethula inkulumo yakhe emcimbini obusenkund­leni yezemidlal­o kwa-C KwaMashu izolo, lapho iqembu belithula khona umkhankaso walo wokhetho lwangonyak­a ozayo
Isithombe: MLUNGISI GUMEDE UMHOLI we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, ethula inkulumo yakhe emcimbini obusenkund­leni yezemidlal­o kwa-C KwaMashu izolo, lapho iqembu belithula khona umkhankaso walo wokhetho lwangonyak­a ozayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa