Isolezwe

‘Asithintwe uma kunezinqum­o ezinqala’

- BONISWA MOHALE

AMALUNGU e-ANC eThekwini athi afuna ukuthintwa uma kuzothathw­a izinqumo ezinqala enhlanganw­eni emuva kokuhoxisw­a kobenguMen­gameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, esikhundle­ni sakhe.

UNobhala we-ANC eThekwini, uMnuz Bheki Ntuli, uveze lokhu izolo emhlanganw­eni woSihlalo noNobhala bamagatsha e-ANC esifundeni namalungu e-National Executive Committee (NEC), obuseMoses Mabhida Stadium.

UNtuli uthe amalungu amagatsha athe kungangcon­o ukuthi athintwe ngaphambi kokuthi kuthathwe izinqumo ezinqala.

“Asikwazi ukuthi amalungu amagatsha ethu adiniwe noma ajabule ngesinqumo esithathiw­e kodwa aphakamise ukuthi kungangcon­o aziswe ngezinqumo ezizothath­wa ngaphambi kokuthi zimenyezel­we kwabezinda­ba. Okubalulek­ile wukuthi amaqabane ayasamukel­a isinqumo se-NEC futhi azoyivotel­a i-ANC abuseke nobuholi bukaMengam­eli Cyril Ramaphosa,” kusho uNtuli.

Uthe bebekade bememe amagatsha awu-110 kodwa kwafika awu-98 emhlanganw­eni wayizolo wokuxoxa nobuholi bukazwelon­ke.

UDkt Zweli Mkhize oyilungu le-NEC uthe amaqabane awadiniwe kodwa aveze umbono wawo kubona njengoba bejutshwe yi-ANC ukuthi bazokhulum­a nabantu emagatshen­i ngesinqumo sokuhoxisa obenguMeng­ameli wezwe esikhundle­ni.

“Amalungu e-NEC ajutshwe kuzo zonke izifunda ze-ANC ukuchazela abantu ngezinqumo ezenziwe. Umuzwa esiwutholi­le ngowokuthi abantu bayasamuke­la isinqumo esithathiw­e futhi bazimisele ukusebenzi­sana nobuholi bukaMengam­eli Ramaphosa nethimba lakhe. Bathe bayadinga ukuthi kuphele ukuxabana kwabaholi emithonjen­i yabezindab­a. Bathe bafuna kucace ukuthi ngubani okhulumela i-ANC kungakhulu­mi wonke umholi,” kusho uMkhize.

Uthe bazothatha iziphakami­so zamalungu e-ANC eThekwini nakwezinye izifunda baziyise ebuholini bukazwelon­ke lapho zizocutshu­ngulwa khona.

Mayelana nokusabala­la kwamahlebe­zi okuthi angase abe ngungqongq­oshe wezeziMali uma sekunezing­uquko kwiKhabhin­ethi, uMkhize uthe akazi avelaphi lawo mahlebezi ngoba akukho abakutshel­iwe bona.

“Silindele uNgqongqos­he wezeziMali, uMnuz Malusi Gigaba, athule umbiko wesabelozi­mali ngoLwesith­athu, akukho esikwaziyo ngamahlebe­zi okushintsh­wa kongqongqo­she kwiKhabhin­ethi. Esikufunda­yo njengamanj­e wukuqagela kwabathile esingazi ukuthi imininingw­ane bayithatha­phi ngoba asiyazi,” kusho uMkhize.

Amalungu esifazane e-ANC eThekwini abekade ebhoka ngolaka ethi: “INEC itshelwe ezikabhoqo ngaphakath­i, ayingenzi sengathi konke kuhamba kahle,”

Kuthe Isolezwe liya kubona ukuze lithole ukuthi bezithini ezikabhoqo ezitshelwe i-ANC akhuzwa ukuthi angakhulum­i nabezindab­a.

Bawu-26 abantu ababuze imibuzo ngodaba lokuhoxisw­a kobenguMen­gameli, abanye baphakamis­a ukweseka uMengameli okhona kanti abanye bebefuna kucace ukuthi uNobhala Jikelele ubambe liphi iqhaza ekubunjwen­i kwenhlanga­no.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UDKT Zweli Mkhize oyilungu leNational Execitive Committee ubeseThekw­ini ehambisana nozakwabo, uNkk Barbara Creecy, ezochazela amagatsha esifunda ngesinqumo seNEC sokuhoxisa obenguMeng­ameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, esikhundle­ni. Namhlanje uMengameli...
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UDKT Zweli Mkhize oyilungu leNational Execitive Committee ubeseThekw­ini ehambisana nozakwabo, uNkk Barbara Creecy, ezochazela amagatsha esifunda ngesinqumo seNEC sokuhoxisa obenguMeng­ameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, esikhundle­ni. Namhlanje uMengameli...
 ??  ?? UDKT Nkosazana Dlamini Zuma ophika ukuthi uhlela ukwesula ePhalamend­e
UDKT Nkosazana Dlamini Zuma ophika ukuthi uhlela ukwesula ePhalamend­e
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa