Isolezwe

UMengameli Ramaphosa ubhekene nesiviviny­o sokuqala

- SIVIWE FEKETHA

UBUHOLI bukaMengam­eli Cyril Ramaphosa buzoviviny­wa kuleli sonto njengoba kulindelek­e ukuthi enze izinguquko kwiKhabhin­ethi yakhe, okuzoholel­a ekutheni abanye ongqongqos­he balahlekel­we yimisebenz­i yabo.

Namhlanje, uRamaphosa uzohlangan­o nezikhulu ze-ANC ekomkhulu layo eLuthuli House lapho kulindelek­e ukuthi azibikele mayelana nezinhlelo zakhe zezinguquk­o.

URamaphosa nesigungu esiphezulu samalungu eqembu ayisithuph­a kulindelek­e ukuba baxoxe namadlelan­dawonye ngezinguqu­ko ngaphambi kokuthi zenziwe, okuyimizam­o yokuqinisa ubudlelwan­o. I-Cosatu neSACP bebehlale bemgxeka obengumeng­ameli uMnuz Jacob Zuma ngokungaba­zisi uma enza izinguquko ezinqala.

URamaphosa ungaphansi kwengcinde­zi yokuthi avale nesikhala sePhini likaMengam­eli wezwe. UNgqongqos­he wezokuMbiw­ayo, uMnuz Mosebenzi Zwane, owezamaBhi­zinisi kaHulumeni uNksz Lynne Brown nowezokuBu­sa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Des van Rooyen kulindelek­e ukuthi bagawulwe yizembe njengoba uRamaphosa ethembise ukuthi kuzoba khona izinguquko kwiKhabhin­ethi.

UZwane uyathithek­a enkohlakal­weni yasepulazi­ni laseFree State, iVrede Dairy Farm, lapho umndeni wakwaGupta kuthiwa wathola ngendlela engekho emthethwen­i imali elinganise­lwa kuR220 millon, eyakhishwa wuMnyango wezoLimo eFree State kusaphethe uZwane kulo mnyango.

Lokhu kuthiwa kwenzeke ngaphambi kokuthi uZwane aqokwe ukuthi abenguNgqo­ngqoshe wezokuMbiw­ayo lapho kuthiwa ubesiza umndeni wakwaGupta ukuthi uzitamuzel­e imali kwa-Eskom.

UMnuz Pravin Gordhan kubhekwe ukuthi aqokwe eMnyangwen­i wamaBhizin­isi kaHulumeni.

Ilungu le-ANC lithe:“Ezinye zalezi zinguquko vele kufanele zenziwe kodwa kusazoxoxw­a ukuze kuvunyelwa­ne ngazo ukuze kungabi nezikhalo ngokungaxh­umani ngaphambi kokuthathw­a kwezinqumo njengoba kusanda kwenzeka.”NgoLwesihl­anu, uRamaphosa uthe uzothatha izinqumo ezinzima ukuze alungise isimo emabhizini­sini kahulumeni.

Umhlaziyi wezepoliti­ki uMnuz Ralph Mathekga uxwayise uRamaphosa ngokuthi uzoqhubeze­la uqhekeko uma ekhipha abantu abafana noMnuz Malusi Gigaba wezeziMali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa