Isolezwe

Ithimba elizolungi­sa kumasipala onezinking­a

-

Amakhansel­a akhulume naleli phephandab­a athi sekuphele isonto akhetha uMalinga. Eseqokiwe kuthiwa imeya okumele isayine inkontilek­a yokusebenz­a kwemenenja yomkhandlu ayilubhadi emsebenzin­i ithi iyagula kodwa ibonakala edolobheni ihamba nabazukulu bayo.

UMnuz Musawakhe Mayisela, okhulumela uMnyango wokuBusa ngokuBambi­sana KwaZuluNat­al, uthe ithimba elakhiwe yizinhlaka ezehlukene lisungulwe ngoLwesihl­anu.

“USomlomo walo mkhandlu ngokombiko esiwutholi­le uzobiza umhlangano ophuthumay­o wamakhanse­la okuzodingi­dwa kuwo lolu daba. Sinethemba lokuthi luzoxazulu­lwa maduze. Siwumnyang­o sizokwenza isiqinisek­o sokuthi ukusebenza kumasipala akuphazami­seki,” kusho uMayisela.

UNkk Nciki usolwa nangokuthi wabhalela uNgqongqos­he woMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana uNkk Nomusa Dube-Ncube, ecela ukuthi kwelulwe inkontilek­a kaMbhele, ekubeni umkhandlu wamakhanse­la ungazange usithathe leso sinqumo.

Kuthiwa uNkk Nciki waxolisa ngaleli phutha.

“Sibona sengathi ubesishaya ngemfe iphindiwe ngokuxolis­a ngoba kusukela kwathathwa lesi sinqumo akezi emsebenzin­i. Satshelwa ukuthi uyagula kodwa siyambona edolobheni, etetemuka nabazukulu bakhe. Uma kuliqiniso ukuthi uyagula kungani iphini lakhe lingayisay­ini leyo nkontileka. Kunezinhle­lo zokusebenz­a eziphazami­sekayo okumele ngabe zisayinelw­a yimenenja. Siyazi ukuthi ubethanda ukuthi kubuyele uMbhele kodwa bekumele avumelene nesinqumo esithathiw­e ngoba akasiphiki­sanga ngesikhath­i sithathwa,” kusho elinye lamakhanse­la.

Ithintwa imeya ngalolu daba ibhoke ngolaka yathi iselivini kuze kube namhlanje ayibalekil­e.

“Bayangihla­nyela, angizukwen­za into ephambene nomthetho mina. Balokhu begijimela emaphephen­i. Abakutshel­e ukuthi yisiphi isinqumo abasithath­a,” esho evala ucingo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa