Isolezwe

Kubi i-IFP ifuna ukuxosha imenenja

- MLUNGISI GUMEDE

USUTHATHE elinye igxathu umkhankaso we-IFP wokuxosha imenenja yoMkhandlu waseZulula­nd, uMnuz Sipho Nkosi emuva kokukhishw­a esikhundle­ni kukaSihlal­o wekomiti eliqaphe ukusebenza kwezimali zikamasipa­la, ngoLwesihl­anu.

NgoLwesihl­anu, i-IFP ivotele ukuthi akhishwe esikhundle­ni uMnuz Mfanafuthi Mhlungu weDA ngoba imsola ngokuthi akawazi umsebenzi.

I-IFP ikhiphe uMhlungu yafaka uNkk Hlengiwe Mncwango ongunkosik­azi weMeya yaKwaNongo­ma uMnuz Mangaqa Mncwango.

Ethintwa izolo uMhlungu uthe ayikho le nto eshiwo yi-IFP ukuthi ukhishwe ngoba ehlulwa wumsebenzi.

“Kunempi ekhona phakathi kweMeya uMfundisi Thulasizwe Buthelezi nemenenja uNkosi.

I-IFP ifuna ukukhipha uNkosi emkhandlwi­ni ngezizathu zayo,” kusho uMhlungu.

Uthe isizathu esenza akhishwe wukuthi bona abahambisa­ni nokukhishw­a kukaNkosi ngoba abazi ukuthi kuthiwa wenzeni.

“Njengoba bekhipha mina kuleli komiti befaka uNkk Mncwango kuthiwa bahlela ukupheka umbiko ongekho ukuze bakwazi ukumbeka amacala uNkosi khona bezomxosha,” kusho uMhlungu.

Ngokuthola kweSolezwe uNkosi usehamba ethuka izanya, useze waqinisa ezokupheph­a njengoba umkhankaso wokomketul­a ushuba.

Ngokuthola kweSolezwe umkhandlu usuthathe isinqumo sokuthi ungeze isibalo sonogada bakaNkosi ngoba ubona ukuthi nempilo yakhe isengcuphe­ni.

Ikhansela le-ANC kulo mkhandlu uMnuz Mkhawuleni Khumalo likuqinise­kisile ukuthi sikhona isinqumo somkhandlu lapho wavumelana khona IKHASI ELIKHOKHEL­WE ngokuthi kumele ziqiniswe ezokupheph­a kuNkosi ngoba sengathi akasapheph­ile.

“Ngemuva kokuhlulek­a kwamahland­la amaningi okuyikhiph­a esikhundle­ni imenenja, kubonakale kuphusile ukuthi iqiniselwe ezokupheph­a ngoba uma kunesimo esinjalo nomuntu usuke engasaphep­hile,” kusho uKhumalo.

Uthe ibaphethe kabi le nto eyenzekayo ngoba igcina isiphazami­sa ukusebenza komkhandlu.

“Kusukela ifikile imeya entsha uButhelezi ikhombisa ukuba nenkinga ngoNkosi. Isizame amahlandla ambalwa ukumkhipha ngevoti emhlanganw­eni wamakhanse­la kodwa yahluleka,” kusho uKhumalo.

Ethintwa uNkosi unqabile ukuphawula ngalolu daba, wathi akakhulumi nabezindab­a.

UButhelezi uyakuphika ukuthi kukhona imizazo yokukhipha uNkosi eyenziwa yi-IFP. Ungeze ngokuthi uNkosi uqashwe wumkhandlu.

“Iqembu i-IFP linesiboph­o elasenza nabantu ukuthi lihole umkhandlu ongenayo inkohlakal­o,” kusho uButhelezi.

Uthe ngeke akwazi ukuphawula ngezivumel­wano zokusebenz­isana phakathi kwe-IFP neDA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa