Kuzohlomula abakhe eduze neSimangaliso Wetland Park
BUZOPHELA ubutha phakathi kwabantu abakhele Isimangaliso Wetland Park nezikhulu zaso njengoba uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha neMvelo KwaZuluNatal, uMnuz Sihle Zikalala, eveze ukuthi zikhonjwe indlela zonke izikhulu ebezihlukumeza umphakathi.
UZikalala uveze lezi zindaba emkhosini woMthayi, obusesigodlweni seNkosi yesizwe sakwaTembe, Emfihlweni, KwaNgwanase, ngoMgqibelo.
Yize uZikalala engazishongo ngamagama izikhulu zaseSimangaliso ebezihlukumeza umphakathi kodwa uthe sesifikile isikhathi sokuthi abantu bahlomule ngokuba seduze neSimangaliso.
“Sekuyisikhathi sokuthi abantu bahlomule ngokwakhelana neSimangaliso. Asithandi ukuthi amathuba amaningi asaphethwe ngabambalwa bebala elithile. Zonke izikhulu ebezihlukumeza umphakathi sizikhombe indlela futhi sizoqhubeka nomkhankaso wokuthi Isimangaliso sihlomulise wonke umuntu,” kusho uZikalala.
Amazwi akhe ananelwe yinkosi yesizwe sakwaTembe, uMabhudu Tembe, ethe bafuna ukuhlomula ngamathuba ezomnotho kwiSimangaliso.
“Kufanele bangene mahhala abantu bakithi emabhishi aseSimangaliso. Kufanele kube nezindlela zokuhamba abantu eziphephile ngaphakathi epaki. Esikutholayo wukuthi abantu basebenzisa imali yabo yokugcina uma bahambela ezinye izindawo zaKwaMhlabuyalingana eziseduze nesiqiwi. Kudala siphakamisa ukuthi kwenziwe izinhlelo zokuxhumanisa imiphakathi yangakithi kube nezindlela eziphephile ezizokwenza ukuhamba kube lula,” kusho uTembe.
Uthe uyathemba ukuthi uZikalala uzoluxazulula udaba lwaseSimangaliso ngoba nabo banayo imibono ezosiza Isimangaliso ukuthi senze imali ezosiza umphakathi.
“Isimangaliso yifa labantu bakithi, asinazo izimboni endaweni yethu. Sincike kakhulu kwezokuvakasha. Kuzosiza ukuthi sithole amathuba omnotho eSimangaliso. Ngonyaka ozayo kufanele sixoxe ukuthi yiziphi izinguquko esezenziwe eSimangaliso,” kusho uTembe.
Uphinde wakhala ngodaba lwezigebengu ezithatha ama-4X4 abantu baKwaMhlabuyalingana bese ziwawelisela eMozambique.
“Inkinga yokwebiwa kwezimoto isiphilisa kanzima ngoba kudala siyibika. Umphakathi uyabika kodwa uhlelo lwamaphoyisa lokusebenza nge-protocol luthatha isikhathi eside. Sinenkinga yokwebelwa imfuyo. Sidinga kwenziwe inhlolovo ukuze izimoto nemfuyo okwebiwa lapha kusheshe kutholakale. Umphakathi unazo izixazululo kodwa inkinga yi-protocol,” kusho uTembe.
UZikalala uthe udaba lokwebiwa kwezimoto lusukunyelwe wuNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Fikile Mbalula oxoxa nozakwabo baseMozambique ukuze luxazululwe.
“Ungqongqoshe wamaphoyisa uzobikela umphakathi ngezinhlelo zokuxazulula inkinga yobugebengu KwaMhlabuyalingana ikakhulukazi eyokwebiwa kwama-4X4. Ubudlelwano beNingizimu Afrika neMozambique ngeke boniwe yizigebengu, sizosithola isixazululo bajeze abagebenga umphakathi,” kusho uZikalala.
Uthe bazoqhubeka nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola ithuba ezinguqukweni ezinqala ezizokwenziwa kwezomnotho.
Uxwayise ngokuthi i-radical economic transformation ayisho ukuthi akusuke abantu bayophuca abanye amathuba amabhizinisi kusho ukuthi umnotho asiwubuyise ngokulandela umthetho hhayi ngendluzula.
Ngesonto elidlule iDelangokubona Business Forum ifakwe enkantolo emuva kokuphazamisa umsebenzi wokwakhiwa komgwaqo ohlanganisa iKwaZulu-Natal neLesotho iSaniPass. Iphinde yamisa ukwakhiwa komgwaqo ongenela eHammarsdale ikhala ngokuthi osomabhizinisi abancane abawatholanga amathuba kulolu hlelo.