Isolezwe

Uncome isigwebo sowabulala iphoyisa

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLOKO esabambile ophikweni lwamaHawks kuleli isikuncomi­le ukugwetshw­a kolahlwe yicala lokubulala iphoyisa lophiko lweTRT eladutshul­wa liyosiza omakhelwan­e balo bebanjwa inkunzi eMnambithi ngo-2014.

ULt General Yolisa Matakata ukushayele ihlombe ukugwetshw­a kukaNhlaka­nipho Miya (33) olahlwe yicala lokudubula abulale uConstable Sithembiso Sifiso Yende (38).

UMiya ugwetshwe iminyaka engu-22 yinkantolo enkulu eMgungundl­ovu ngokubulal­a uYende, iminyaka eyishumi ngokutholw­a nesibhamu esingekho emthethwen­i nemihlanu ngokuthumb­a umakhelwan­e kaYende. Lezi zigwebo uzozidonsa kanyekanye.

UYende wabulawa ngoMashi 2, 2014 eya kamakhelwa­ne wakhe owayekhala, ehlaselwe abantu abathathu ababepheth­e izibhamu. Ngesikhath­i efika kulo muzi kuthiwa wazithela phezu kwabasolwa abathathu okuthiwa babedubula. Kuthiwa uYende wazivikela ngokuthi adubule oyedwa wabasolwa okwabuye kwavela ukuthi kwakunguMi­ya. Kuthiwa abanye bamdubula uYende bathatha nesibhamu sakhe. UYende washonela endaweni yesehlo. Leli cala ladlulisel­wa kubaphenyi bamaHawks kwase kuthungath­wa abasolwa. Ngesikhath­i kuqhubeka uphenyo abasolwa abathathu bagcina ngokuzinik­ela emaphoyise­ni, bavela enkantolo banikwa ibheyili. Abasolwa ababili uMnuz Nkosiyakhe Mabaso (33) noThando Mabaso (31) badutshulw­a bashona esigamekwe­ni sokudubula okuthiwa sasihloben­e nombango wamatekisi eZakheni.

UGeneral Matakata uthe bayakuqond­a ukuthi ukugwetshw­a kukaMiya ngeke kumbuyise uYende kodwa ubulungisw­a benzekile ngoba uMiya uzokhokhel­a izono zakhe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa