Isolezwe

Ibuyise ithemba inkulumo kamengamel­i

-

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ubuyise ithemba kuwo wonke umuntu eNingizimu Afrika ngenkulumo yakhe yokuqala ebhekiswe esizweni ngoLwesihl­anu.

Kucacile enkulumwen­i yakhe ukuthi uyaziqonda izinselelo izwe elibhekene nazo.

Kube kuhle ukuzwa engambangc­azi ezama ukugqiba amahlazo kube sengathi uma kukhalwa kuyihaba, izinto azizimbi, okuyiqhing­a ebelisetsh­enziswa uMnuz Jacob Zuma.

Sesijahile ukubona izinyathel­o ezizothath­elwa abasebenzi bakahulume­ni abenza inkohlakal­o njengoba abanye beyenza udede. Sijahile ukubona kuseqhulwi­ni ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi adingwa kakhulu yintsha.

Kanjalo nokukhucul­ula inkohlakal­o ezinkampan­ini zikahulume­ni njengeEsko­m, Transnet, SABC, SAA, Prasa nezinye eseziphend­ulwe ibhodwe eliconsayo ngabaqashw­e kuzo nabasuke beqokelwe emabhodini azimele alekelela ukulawula lezi zinkampani.

URamaphosa uthe kuzophela ukuthi amalungu amabhodi angene agamanxe ezindabeni zalezi zinkampani njengoba amanye awo aze anqume nokuthi imisebenzi yamathenda ikhishwe kanjani.

Kuhle nokuzwa uRamaphosa ethi iminyango kahulumeni ekhona izoncishis­wa ngoba miningi kakhulu. Yiqiniso leli futhi lokhu yinto esezandlen­i zakhe yedwa ngoba angayenza masinyane nje kungakathu­lwa ngisho inkulumo yesabelo-mali ngokuxosha abanye ongqongqos­he ngokuthi avale eminye iminyango ngoba vele asikho isidingo sayo besekuthi eminye ihlanganis­we.

Uthembise nokusungul­a ikhomishin­i ezophenya ngemigilin­gwane eyenzeka kubaqoqi bentela, i-South African Revenue Services ukuze kuzobuya isithunzi salolu hlaka.

Izinhlelo zokuqeda ububha, ukukhulisa osomabhizi­nisi abamnyama, ukunciphis­a ukungaling­ani sizozibhek­a ngabomvu ukuthi ziyenzeka ngempela yini.

Usekhulumi­le-ke uRamaphosa, kuzwakele futhi ithemba likhulu kuwo wonke umuntu. Sekufanele kubonakale ngezenzo manje. Asithembe-ke ukuthi bonke abantu abasezinhl­akeni ezehlukene kuhulumeni bazwile futhi bazosaba ekhweleni likamengam­eli, kungahudul­wa izinyawo njengoba amanye amalungu e-ANC enengekile ngesikhath­i ekhuluma.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa