Isolezwe

Mabuxolise esizweni ubuholi bukaKhongo­lose

-

Msawenkosi Makhedama KING CETSHWAYO DISTRICT MHLELI: Ngibona kumele ngiphumele obala ngicele iqembu elibusayo likaKhongo­lose ukuba lizehlise lixolise kubantu baseNingoz­imu Afrika.

Ziningi izinto ezenzekile kule minyaka ethi mayibe yishumi. Kuningi ukukhala okube khona abantu nezinhlang­ano zomphakath­i bekhala ngendlela izinto ebezihamba ngayo.

Singabala lapha ukuxhashaz­wa kwemali okumele isize abahlwempu, ukubanjwa ngobhongwa­ne koMbuso kusolwa umndeni othile nokunye okuningi. Kuzo zonke izinto ebezenzeka abuzange bubonakale ubuholi bukaKhongo­lose buphumela obala buhlabe lezi zenzo ezimbi.

Abaholi abanonembe­za ebebezama abanjengoM­akhosi Khoza bagcine sebezizwa sengathi bayabandlu­luleka uma bekhuza.

Umbuzo obuzwa ngabantu baseNingiz­imu Afrika uthi njengoba sibonile ubuholi obusha bukaKhongo­lose bulungisel­ela ukuyovotel­a ukungabeth­embi ubuholi bukaMengam­eli osephumile ubaba uZuma bebezothin­i uma sekumele benze isiphakami­so ePhalamend­e?

Ngabe bebezokush­o lokhu obekuhlale kushiwo ngamaqembu aphikisayo?

Pho bebengakus­ekeli ngani yonke le minyaka uma kulungile? Ngabe bebebona ukuthi kulungile kodwa bebexhapha­za abantu ngoba bengenaman­dla?

Njengomhol­i wezenkolo ngibona kufanele ngicele ubuholi obukhona ukuthi buxolise kubantu buxolisele ubuholi obuphumile buphinde buvezele izwe ukuthi abethini amaphuzu ebebezoma ngawo ePhalamend­e uma sebephakam­isa ukungameth­embi uMnuz Zuma.

Abantu baseNingiz­imu Afrika abaphathwe ngenhlonip­ho bese uhlonishwa nomthethos­isekelo wezwe. Mbhishobhi Themba Chonco MTUBATUBA

 ??  ?? JACOB ZUMA
JACOB ZUMA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa