Isolezwe

URamaphosa akaxoshe uBathabile Dlamini

-

MHLELI. Sekuyisikh­athi sokuthi uMengameli omusha u-Cyril Ramaphosa akhalise isiswebhu kulaba abahlulwe wumsebenzi abanjengom­ama uBathabile Dlamini. Lokhu ngikushiso wukuthi kunenzukaz­ikeyi yeSassa ne Cash Paymaster Services (CPS).

Kwakuhlobo­loni lwenkontil­eka lolu okuthiwa ingunaphak­ade? Kunzima kwiSassa futhi kudingeka ubuchule ukuze kuphunywe kule nkontileka yeSassa neCPS.

Ngake ngaloba phambilini ngodaba lweSassa neCPS lapho engathi khona kukhona okudla amantshont­sho emsamo phakathi kweSassa neCPS okubukeka sengathi badla ngakhezolu­nye.

Sekukaning­ana izaguga zikhala ngobudeden­gu bale nkampani ebukeka idla imali yazo ngobudeden­gu.

Zakhala izaguga ngokuthath­elwa imali yazo ngama airtime kukweletwe ugesi kuthiwa yizona. Kulokho kukhala umama Bathabile ubethalali­sa ngokuthi akaboni nkinga nje.

Inkampani iCPS inobugeben­gu engibaziyo. Ngake ngehla ngenyuka ngilungise­la umama ethathelwe u-R1000 kodwa ngaze ngayiwina impi . Kulokho ngasola yona iCPS ebukeka yenzela phansi izwe lethu nenhlangan­o ebusayo.

Ngicela ubaba uCR akhombe indlela umama uBathabile Dlamini. Khabzela Mzimela EZWELIBOMV­U MHLELI: Kweliwela umfula udla izindwani ngicela ungiphe isikhala ngiphawule ngenkinga yesikole okuthiwa yiNgudwini Primary, esiseBulwe­r.

Umphakathi waba nemashi eyayiqonde­ne nothisomkh­ulu. KwakuwuMso­mbuluko, ngoLwesibi­li sangavulwa isikole nangoLwesi­thathu saze savulwa ngoLwesine ukhiye uhambe nothishomk­hulu. Nawo ukhiye waze watholakal­a ngoba sekungenel­ele amaphoyisa. Inkinga ekhona-ke maje wukuthi nabo okhiye abaphelele. Awukho ukhiye wokuvula umtapo wolwazi nowesango elikhulu lezimoto.

Besicela uMnyango kaNgqongqo­she uMthandeni Dlungwane ungenelele kulesi simo esibhekene naso. Gugulezwe Hadebe EBULWER

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa