Isolezwe

I-DUT imise ukufunda isikhathi esingaziwa

- PHILI MJOLI

KUMISIWE ukufunda eDurban University of Technology (DUT) ngemuva kwezinsuku ezintathu kuqaliwe.

Ukufunda kule nyuvesi bekuqale ngoLwesibi­li, ngoLwesihl­anu, inyuvesi imemezele ukuthi sekumisiwe, futhi akwaziwa ukuthi kuzoqhubek­a nini.

Abasebenzi bale nyuvesi abangaphan­si kwezinyuny­ana iNehawu, iTenusa neNteu basesitele­keni esingenela esontweni lesithupha namhlanje. Bafuna ukunyuselw­a iholo. Baqale bafuna ukunyuselw­a ngo-10% kodwa isiphakami­so sabo sokugcina sime ku-8.25% inyuvesi imi ku-6.25% etafuleni.

UMnuz Ayanda Zulu uNobhala weNehawu eThekwini uthe abazimisel­e ngokubuyel­a emsebenzin­i uma umqashi engavumela­ni nabo ngabakufun­ayo.

“Selokhu siqalile izingxoxo umqashi ugudluka kancane esiphakami­sweni sakhe. Muva nje uthumelele umsebenzi ngamunye incwadi ethi akaphendul­e ukuthi ngabe uyasamukel­a yini isiphakami­so sakhe. Abasebenzi abakwazi ukwenza lokho ngoba bamelwe yizinyunya­na. NgoLwesibi­li kulindelek­e ukuthi sibuyele ezingxoxwe­ni. Emhlanganw­eni kulindelek­e ukuthi kube khona iPhini likaNgqong­qoshe, uMnuz Buti Manamela,” kusho uZulu.

Uthe uma befinyelel­a esivumelwa­neni bazimisele ukusebenza isikhathi esengeziwe ukuze babuyise isikhathi esilahleke, betelekile.

Izitshuden­i zakulesi sikhungo zingenele esazo isiteleka ngoLwesith­athu, zikhala ngokuhamba kancane kohlelo lokungenis­wa ezindlini zokuhlala nangokubam­bezeleka kokuqala kwamanye amakilasi ngenxa yabasebenz­i abafundisa izitshuden­i abatelekil­e. Zikhala nangokuthi kuzogcina kuphazamis­eke sonke isigaba sokuqala sokufunda uma abasebenzi nabaphathi bengafinye­leli esivumelwa­neni ngokukushe­sha.

NgoLwesihl­anu, le nyuvesi inqume ukumisa ukufunda.

UMnuz Alan Khan okhulumela le nyuvesi uthe inyuvesi izokhipha ikhalenda lokufunda elizolande­lwa yile nyuvesi maduze nje.

Yize kunesitele­ka sabasebenz­i uthe abafundi asebebhali­sile bangu-21 000. Le nyuvesi ithatha abafundi abangu-28 000 ngonyaka.

Uqhube wathi yize ukufunda kumisiwe kodwa ukubhalisa kusaqhubek­a, online noma abafundi baziyele mathupha ezikhungwe­ni zale nyuvesi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa