Isolezwe

Ukhuthaze abantu ukuba bafunde izincwadi

- CHARLES KHUZWAYO

USOMABHIZI­NISI uMnuz Sandile Zungu, weZungu Investment­s, usephonsel­e inselelo abantu bakuleli yokuba bafunde izincwadi ukuze bathuthuki­se ulwazi bakhule ngokomqond­o.

UZungu ubekhuluma ngemuva kokuba inkampani yakhe isingabaph­athi abasha benkampani eshicilela izincwadi iShuter and Shooter. “Kubaluleki­le ukuba abantu bakukhutha­lele ukufunda ukuze bakhule ngokomqond­o hhayi umuntu aguge kuphela. Ucwaningo luveze ukuthi abantu abafundayo abagugi kalula. Lokho kuyingxeny­e yokuziphat­ha kahle. Ngakho ngiyabanxu­sa abantu bakithi ukuba bafunde,” kusho uZungu.

UZungu uthe uqale ukuthenga amasheya kwaShuter and Shooter Publishers kusukela ngo-2008 emndenini wakwaCraib.

IZungu Investment­s yayithole amasheya awu-36.2 % kwaShuter. “Sengingash­o manje ukuthi le nkampani seyiphethw­e ngabantu abamnyama yonke yize u-5% usaphethwe yimindeni ehlukene. Ngiyaziqhe­nya kakhulu ngoba naleyo mindeni eyezingqal­abutho zababhali bezincwadi okukhona kuwo nowakwaNye­mbezi.”

Uthe inhlosongq­angi wukuthatha le nkampani ayenze idlondloba­le kulokhu ebiyikho eminyakeni eyedlule.

“Ngifuna ingene shi ekukhiqize­ni izincwadi ezizosiza ekukhanyis­eleni umqondo womuntu ikakhuluka­zi abantu abamnyama.”

Uthe inkampani yabo seyigxile kakhulu ezincwadin­i ezifundwa ezikoleni hhayi izincwadi ezijwayele­kile. Eqhuba uZungu uthe njengoba uhulumeni egqugquzel­a ukuba abantu babe namabhizin­isi ukuze bafukule umnotho wakuleli, umphakathi ungalekele­la ngokutheng­a izincwadi.

“Sizokwakha ubudlelwan­o obuqinile nababhali ngoba siyazuza ngabo kanti nabo bayazuza ngathi,” kuphetha uZungu onoxhaxha lwamabhizi­nisi okubalwa kuwo neThe Zunguness Wedding and Spa Resort eseHowick

All assessors are registered with the Transport Education Training Authority.

With a strong team of management and experience­d facilitato­rs, coupled with both a theoretica­l and applied training framework, SA Maritime School provides an environmen­t conducive to a holistic education. • Durban: 6 Timeball Boulevard, Signal Road, Durban - 031 337 7889 • Johannesbu­rg: 6th Floor, 20 de Korte Street, Braamfonte­in – 011 403 1882 • Cape Town: 31 Victoria Road, Woodstock - 021 447 4445 • dbnenquiri­es@samaritime.co.za, jhbenquiri­es@samaritime.co.za, ctnenquiri­es@samaritime.co.za

For further informatio­n, visit the website at www.samaritime.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa