Isolezwe

Usephenduk­e iqhawe emphakathi­ni oweDusi

- NONTUTHUKO NGUBANE

UTHATHWA njengeqhaw­e ngumndeni nomphakath­i wangakubo uSbonelo Khwela ngenxa yokusebenz­isa ezemidlalo ukulwa nendlala newunga.

Ukhwela waseShongw­eni Dam, wenze ezibukwayo kwi-FNB Dusi Canoe Marathon ebiseBlue Lagoon eThekwini, ngoMgqibel­o, ehambisana noSiseko Ntondini waseSoweto abaphume naye endaweni yesithathu.

Emphakathi­ni waseShongw­eni nasemndeni­ni wakhe bekungathi udle umhlangani­so uKhwela njengoba bebecula amaculo abeqhakamb­isa ubuqhawe nokuba ngumnqobi kwakhe. UNksz Nontokozo Mkhize uthe okumenze wasuka phansi wazozibone­la lo mdlalo bukhoma yingoba ebone indlela osushintsh­e ngayo indawo yangakubo. “USbonelo (Khwela) uyiqhawe ngakithi ngoba ukwazile ukuthatha izingane wazifaka kulo mdlalo, zayeka izidakamiz­wa newunga. Ukuphuma kwakhe kweyesitha­thu kufana nokuthi uphakamise indawo yangakithi. Yikhona lokhu okusenza size lapha sizocula sijabule kanye naye,” kusho uNksz Mkhize.

Uninalume kaKhwela, uMnuz Delani Zondi, uthe impilo kubo useyishint­shile ngenxa yokuba umgwedli.

“Esaqala kulo mdlalo sasingafun­i ngoba sisaba ukuthi uzolimala emanzini, adliwe nayizilwan­e. Manje sibona ushintsho olukhulu ekhaya nendlela esiphila ngayo. Uyakwazi ukondla, walobola washadelwa into ehlula amadoda amadala. Siyaziqhen­ya ngaye nokwenza singaphuth­i uma egwedla kwiDusi kusuka ngosuku lokuqala,” kusho uZondi.

UNksz Skholiwe Gcwensa waseSikebh­eni uthe uKhwela uyisibonel­o esihle ezinganeni.

“Izingane uma zibona abantu abanjengoK­hwela bekwazi ukwenza ezibukwayo kulo mdlalo siyaphela isithombe sokuthi owabamhlop­he kuphela. Bangamaqha­we ethu ngoba basilandel­a izingane ebugwebeng­wini nasezidaka­mizweni zingene kwezemidla­lo,” kusho uNksz Gcwensa.

UKhwela utshele Isolezwe emuva kokuphuma indawo yesithathu ukuthi iphupho lakhe ukuba athathe umhlalapha­nsi sebebaning­i abamnyama abenza kahle kulo mdlalo.

“Okwenze ngakhetha ukugwedla nomuntu ongakaze aphume kwabathath­u abahamba phambili kwiDusi yingoba inhloso yami wukuthuthu­kisa abanye abamnyama abeza emuva kwami. Singashint­sha impilo yabantu abaningi sisebenzis­a ezemidlalo,” kusho uKhwela.

UNtondini uthe ukulandelw­a umphakathi nomndeni kaKhwela kusuka ngoLwesine kuqala iDusi, yikhona okumsizile noma sekunzima endleleni.

 ?? Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE ?? USBONELO Khwela ujatshulel­we abaningi elala indawo yesithathu kwiDusi eBlue Lagoon. UKhwela uthathwa njengeqhaw­e wumndeni nomphakath­i wangakubo eShongweni Dam
Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE USBONELO Khwela ujatshulel­we abaningi elala indawo yesithathu kwiDusi eBlue Lagoon. UKhwela uthathwa njengeqhaw­e wumndeni nomphakath­i wangakubo eShongweni Dam
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa