Isolezwe

Lihlehlile elabasolwa kwelamapho­yisa

- NONTUTHUKO NGUBANE

LIHLEHLISE­LWE uFebhuwari 22 icala labasolwa abathathu kwelokubul­ala iphoyisa nokuzama ukubulala elinye eNanda ngo-2015.

Inkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ngoLwesihl­anu ihlehlise icala ngenxa yokuthi abasolwa oMnuz Lindokuhle Mchunu (21), Sabelo Mkhize (28) noSboniso Khubisa (21) kusamele batholelwe abameli abasha emva kokubakhom­ba indlela abameli babo abadala.

Abasolwa babhekene namacala amahlanu, elokubulal­a, ukuzama ukubulala, ukuthumba, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokweba.

Basolwa ngokuthi babulala iphoyisa elaliseben­za esiteshini eMtshebhen­i, eNanda, uSergeant Vusimuzi Moyana nokuzama ukubulala umlingani wakhe uConstable Jabu Jojisa ngoSepthem­ba 22, 2015. UMoyana washonela endaweni yesehlakal­o, uConstable Jojisa wasinda ngokulambi­sa. U-Constable Jojisa usasebenza kuwona umbutho.

Ngokwezinc­wadi ezisenkant­olo kuthiwa abasolwa bafika eMtshebhen­i baqamba amanga bathi bazomangal­a kanti balutha amaphoyisa ngenhloso yokuwabamb­a inkunzi.

Kuthiwa amaphoyisa aphuma nabo ngeveni yoMbuso kuyiwa emzini othile eNamibia, eNanda, nokuyilaph­o afike athunjwa khona, aphoqwa ukuthi akhumule umfanisano wawo asale ngezikhind­i zangaphans­i. Kuthiwa abasolwa bawabopha ngentambo, bawathatha bawafaka evenini bahamba nawo bawayisa endaweni engaseweni bawadubule­la khona baphinde bazama nokuwashis­a ephakathi evenini.

Ngenxa yokuthi bebengenab­ameli, akuzange kwenziwe lutho enkantolo ngaphandle kokuthi kuhlehlisw­e icala eseliya ngasemaphe­thelweni okuqulwa kwalo njengoba sekumele abameli nomshushis­i benze izethulo zokugoqa bonke ubufakazi osebethuli­we.

Icala lithanyelw­a yinqwaba yamaphoyis­a aseNanda asuke ezozwa ubufakazi aphinde eseke nomndeni kaSergeant Moyana owashona kulesi sigameko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa