Lihlehlile elabasolwa kwelamaphoyisa
LIHLEHLISELWE uFebhuwari 22 icala labasolwa abathathu kwelokubulala iphoyisa nokuzama ukubulala elinye eNanda ngo-2015.
Inkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesihlanu ihlehlise icala ngenxa yokuthi abasolwa oMnuz Lindokuhle Mchunu (21), Sabelo Mkhize (28) noSboniso Khubisa (21) kusamele batholelwe abameli abasha emva kokubakhomba indlela abameli babo abadala.
Abasolwa babhekene namacala amahlanu, elokubulala, ukuzama ukubulala, ukuthumba, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokweba.
Basolwa ngokuthi babulala iphoyisa elalisebenza esiteshini eMtshebheni, eNanda, uSergeant Vusimuzi Moyana nokuzama ukubulala umlingani wakhe uConstable Jabu Jojisa ngoSepthemba 22, 2015. UMoyana washonela endaweni yesehlakalo, uConstable Jojisa wasinda ngokulambisa. U-Constable Jojisa usasebenza kuwona umbutho.
Ngokwezincwadi ezisenkantolo kuthiwa abasolwa bafika eMtshebheni baqamba amanga bathi bazomangala kanti balutha amaphoyisa ngenhloso yokuwabamba inkunzi.
Kuthiwa amaphoyisa aphuma nabo ngeveni yoMbuso kuyiwa emzini othile eNamibia, eNanda, nokuyilapho afike athunjwa khona, aphoqwa ukuthi akhumule umfanisano wawo asale ngezikhindi zangaphansi. Kuthiwa abasolwa bawabopha ngentambo, bawathatha bawafaka evenini bahamba nawo bawayisa endaweni engaseweni bawadubulela khona baphinde bazama nokuwashisa ephakathi evenini.
Ngenxa yokuthi bebengenabameli, akuzange kwenziwe lutho enkantolo ngaphandle kokuthi kuhlehliswe icala eseliya ngasemaphethelweni okuqulwa kwalo njengoba sekumele abameli nomshushisi benze izethulo zokugoqa bonke ubufakazi osebethuliwe.
Icala lithanyelwa yinqwaba yamaphoyisa aseNanda asuke ezozwa ubufakazi aphinde eseke nomndeni kaSergeant Moyana owashona kulesi sigameko.