Isolezwe

Ubulawe amarabi kwaqala ukuwagomel­a

- PHILI MJOLI

SEKUQALWE umkhankaso wokugonywa kwezinja eNseleni, ngaseRicha­rds Bay naseMtubat­uba kulandela ukushona komfana oneminyaka eyisithuph­a obenesifo samarabi.

Lo mfana waseNselen­i kuthiwa akuzange kubonakale ukuthi ulunywe yinja futhi naye akashongo.

Kusolwa ukuthi uqale ukugula ngemuva kwezinsuku eziningi yamluma inja. UMnuz Khaye Nkwanyana okhulumela uMnyango wezoLimo KwaZuluNat­al, uthe lo mfana uqale ukugula eseMtubatu­ba, evakashele izihlobo emasontwen­i amabili adlule.

“Abazali bakhe bamhambisa emtholampi­lo wendawo. Kwabonakal­a ukuthi ugula kakhulu wadlulisel­wa kwesinye sezibhedle­la eThekwini. Sibikelwe ukuthi ubenalesi sifo ngoLwesine eseshonile,” kusho uMkwanyana.

Uqhube wathi umnyango ubeke isamba sikaR6 million ngasekuphe­leni konyaka odlule sohlelo lokugonywa kwezinja esifundazw­eni. Ukugoma uthe kuqale nyakenye eNanda, eNdwedwe, eMandeni naKwaDukuz­a.

“Siqale ezindaweni obekunemib­iko yokuhlasel­a kwalesi sifo kuzo. ENseleni bekungakaz­e kube nemibiko phambilini,” kusho uNkwanyana.

UNkk Venessa Meyer wenhlangan­o exwayisa ngamarabi, eShowe, iRabies Awereness Body in Eshowe, uthe ngokombiko weWorld Health Organisati­on (WHO) lesi sifo sibulala abantu abangu-55 000 ngonyaka, emhlabeni. “Abantu abaningi abashonayo baya ezikhungwe­ni zempilo ngoba sebeqale ukugula. Umgomo wokuthi amarabi angadlulel­i kumuntu ukhona. Uma ulunywe yinja kudingeka ukuthi uye esikhungwe­ni sezempilo, ujove uphindelel­e kuze kube kane. Kwesinye isikhathi abasebenzi basemithol­ampilo emincane nabo babuye bangaluqon­di kahle uhlelo lokugomela amarabi. Siyanxusa ukuthi isiguli singabuyel­i ekhaya singajovil­e ngoba amarabi ayasabalal­a, emzimbeni,” kusho uNkwanyana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa