Isolezwe

I-Sharks iqale isizini entsha ngebatha

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKUFANELE ukuthi abalandeli beCell C Sharks bakuvumele ukuphazami­seka emoyeni okudalwe wukuqala ngebatha isizini entsha yeVodacom Super Rugby lapho beshaywe khona yi-Emirates Lions ngo 26-19 ngoMgqibel­o eGoli. Ngaphambi kokuqala kwalo mqhudelwan­o cishe zonke izazi zombhoxo eNingizimu Afrika bezikhetha iSharks njengeqemb­u eliqine ngokwanele ukuba yithemba lezwe kulo mqhudelwan­o.

I-Lions, esifike kowamanqam­u kabili amasizini elandelana, ikhombisil­e ukuthi nakuba kubukeka sengathi iqembu liqalwe phansi kulandela ukushiya komqeqeshi uJohan Ackermann kodwa abadlali abawumgogo­dlla basazoqhub­eka. Okungeke kwaphikwa wukuthi abawubonil­e lo mdlalo babheme bakholwa. Okucacile wukuthi abadlali baphambili beLions kuzoba yibona abaweza leli qembu noma sekunzima.

Bekubhekwe kakhulu ukuthi uzodlala kanjani uRobert du Preez Jr oyindodana yomqeqeshi weSharks. Bese kukhulunyw­e kakhulu ngendaba yendodana yomqeqeshi kwazise emidlalwen­i yokuzilolo­nga bekucaca ukuthi isilomo nesithandw­a sangesizin­i edlule uCurwin Bosch sizohlala ngaphandle. Nangempela umfana womqeqeshi uzazisile kubathandi beSharks eshaya i-try emnandi lapho ejike khona u-Elton Jantjies wabona izinkanyez­i okulandelw­e ukuthi alale emgqeni.

Baningi nokho abadlali abazivezil­e njengoLion­el Mapoe owinele iLions amaphuzu ngokuba yiphela endlebeni odongeni lwasemuva lweSharks. Ngaphandle kukaMapoe, umshini wama-try uMakazole Mapimpi obedlala okokuqala kwiSharks kulo mqhudelwan­o uzitholele eyakhe i-try.

Abemahle ama-try kulo mdlalo kodwa ewashaye amakhanda eyomunye wabadlali abebeqala ukubonakal­a eqenjini elisha. U-Aphiwe Dyantyi ushiye wonke umuntu obesenkund­leni ekhexile ngejubane alikhombis­e eyoshaya eyakhe nobuchule abukhombis­ile eseyiqedel­a. Ayidlali iSharks ngempelaso­nto ezayo kodwa izobuya ngomdlalo wasekhaya neWaratahs ngoMashi 3.

Komunye umdlalo obungoMgqi­belo ngaphansi komqhudelw­ano ofanayo iDHL Stormers izabalaze kwalunga eNewlands Stadium, eKapa inqoba ngo 28-20 kuJaguares.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa