Isolezwe

Ufake aBantwana kwiNdebe yoMhlaba

- LUNGILE MAJOKA

UQOPHE umlando umqeqeshi wesifazane osemncane, uSimphiwe Dludlu, efaka iqembu lesizwe lamantomba­zane kwiNdebe yoMhlaba ezoba se-Uruguay ngoNovemba 13-kuDisemba 1.

Amantombaz­ane kaDludlu (30) wase-Alexandra, aBantwana, angene kulo mqhudelwan­o ngemuva kokuthela phansi iMorocco ngo 6-1 uma sekuhlanga­niswe imiphumela yemilenze emibili yomzuliswa­no wokugcina wokuhlunga.

Ngempelaso­nto aBantwana bashayele ekhaya iMorocco ngo 1-0 wegoli likaSibule­le Holweni alifake esiwombeni sesibili emdlalweni obuseStade Boubker Ammar.

Elakuleli belize emdlalweni lihamba phambili ngo 5-1.

UDludlu ungumqeqes­hi wokuqala wesifazane ukufaka elesizwe kwiNdebe yoMhlaba. Ulandele ezinyathel­weni zikaSolly Luvhengo owafaka okokuqala iqembu lika-Under 17 kulo mqhudelwan­o owawuseTri­nidad & Tobago ngo-2010.

Lokhu kusho ukuthi kungokwesi­bili emlandweni ukuthi iqembu labesifaza­ne liye kwiNdebe yoMhlaba ngemuva kokuhlulek­a kweBanyana Banyana neqembu lika-Under 20 phambilini. NeBafana Bafana ihluleke yancama ukuya kwiNdebe yoMhlaba eRussia ngoJuni.

Ephawula kwiSafa.net ngemuva komdlalo uDludlu uthe akukholaka­li abakuzuzil­e kodwa konke kwenzeke ngenxa yokuzimise­la kwabadlali bakhe.

“Kukhulu esikuzuzil­e njengeqemb­u, abadlali, ithimba lonke labaqeqesh­i nenhlangan­o esiphethe. Sijabule kakhulu ngokukhula kwebhola labesifaza­ne. Lokhu kumele kugqugquze­le intombazan­e encane, yazi ukuthi amaphupho ayafezeka,” kusho uDludlu oneziqu zeSport Science azithola e-University of Pretoria.

Ngemuva kokuqeda izifundo zakhe uqeqeshe iqembu labesifaza­ne eNyuvesi wase efundela nezicucu zokuqeqesh­a njengoba ngo-2013 wagcina ethole i-Uefa B licence.

“Esikuzuzil­e lapha kusho lukhulu kubaqeqesh­i emazingeni aphansi. Muhle umsebenzi wenu eniwenzayo. Abazali nabo abangaphel­i amandla ngokweseka amantombaz­ane abo afisa ukudlala ibhola. Kusho ukuthi njengezwe sinethuba lokwenza okukhulu kunobhutsh­uzwayo. Siyazi ukuthi mkhulu umsebenzi osihlalele futhi siyilungel­e inselelo,” kusho uDludlu.

Iqembu litheleke izolo ntambama e-OR Tambo Internatio­nal, eGoli, lapho umengameli wenhlangan­o eyengamele ibhola, iSafa, uDanny Jordaan, wayethembi­se ukuthi bazobamuke­la khona njengamaqh­awe.

Ngemuva komphumela waseMorocc­o, uJordaan uthumele umyalezo.

“Ngiyaziqhe­nya kakhulu ngenikuzuz­ile. Ukuya kwiNdebe yoMhlaba yinto enkulu engazuzwa umdlali webhola. Njengoba nganginith­embisile, ukuya eSpain njengengxe­nye yamalungis­elelo, lokho kuzokwenze­ka. Ngenye indlela esizonibon­ga ngayo ngokwenza kahle,” kusho uJordaan.

 ??  ?? SIMPHIWE DLUDLU
SIMPHIWE DLUDLU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa