Ujabule inganakwa iFree State
UMQEQESHI weFree State Stars, uLuc Eymael, kuyamjabulisa ukuthi abanakiwe yize iqembu lakhe lilokhu liqhubekile nokwenyuka kwi-log ye-Absa Premiership.
IStars ihleli endaweni yesine ngamaphuzu angu-32 emidlalweni engu-20. Isalele ngemuva ngamaphuzu ayisithupha kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili.
NgoLwesithathu la maqembu azotholana phezulu emdlalweni okungangatshazwa ukuthi uzobe ubhekwe yiningi ikakhulukazi labo abazibona besembangweni wesicoco seligi. Umdlalo useLoftus Versfeld, ePitoli, ngo-7.30 ebusuku.
“Ngesikhathi ngithatha lapha kwiFree State Stars awukho umbandela engabekelwa wona. Kodwa ngazisholo ukuthi ngifuna ukubona iqembu liqeda kwiTop 8 njengoba ngenza kwiPolokwane. Babengihleka abanye uma ngisho njalo kodwa buka manje sikuphi.
“Njengamanje asikayiqinisekisi. Uma ngibala sisalelwe amaphuzu ayisishiyagalolunye ukuthi siwalwele ukuze ingasiphunyuki. Uma sishesha ukukufeza lokho, kwazi bani ukuthi iyiphi indawo esizobe sesiyilwela. Kuhle ngoba uma kukhulunywa ngesicoco thina asinakiwe kukhulunywa ngoChiefs noCape Town City,” kusho u-Eymael.
Umlando phakathi kwe-Ea Lla Koto neSundowns uvuna iqembu lasePitoli. Sekuphele amasizini ayisikhombisa ezika-Eymael zagcina ukushaya iSundowns lapho zanqoba ngo 2-1 ngo-2010/2011. Umzuliswano wokuqala wale sizini wanqotshwa yiSundowns ekuhambeni ngo 2-1.
Uma u-Eymael nabafana bakhe bengaqeda leli shobolo leminyaka, bazogxumela endaweni yesibili kwi-log. Bazosala ngamaphuzu amathathu kwiSundowns uma sekubhekwe emidlalweni yangempelasonto.
“ISundowns ingompetha base-Afrika futhi inabadlali abaphambili kodwa amalungiselelo ethu awashintshile. Nayo siyayicubungula njengoba senza kuwona wonke amaqembu esibhekana nawo. Okwethu wukuthatha umdlalo ngamunye ngeke sishintshe ukwenza ngoba nakhu sidlala neSundowns. Okwenzekile eminyakeni edlule ngeke sigxile kukhona. Sizogxila ekutheni sibhekene nani njengamanje,” kusho u-Eymael.
Uma kunqoba amaBrazilians azobe ezinike ithuba lokuphefumula njengoba ezoya komunye umdlalo ongase ubenzima ngempelasonto kwiSuperSport United. Elinye iqembu elinethuba lokunyukela endaweni yesibili uma liqhubeka nomgqigqo omuhle yi-Orlando Pirates ezoze idlale neChippa United ngeSonto. IKaizer Chiefs enyukele endaweni yesibili ngemuva kokuhlula iCape Town City ngo 1-0, izobhekana neBloemfontein Celtic ngoMgqibelo. Laba yibona kanye okufanele wukuthi bazobe befuna ukubona imiphumela yemidlalo yeSundowns.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa: Platinum Stars v SuperSport United (Royal Bafokeng Stadium, 7.30pm)
NgoLwesithathu: Mamelodi Sundowns v Free State Stars (Loftus Versfeld Stadium, 7.30pm)
NgoLwesihlanu: Maritzburg United v Platinum Stars (Harry Gwala Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Baroka FC v Polokwane City (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Mamelodi Sundowns v SuperSport United (Lucas Moripe Stadium, 6pm); Cape Town City FC v Bidvest Wits (Athlone Stadium, 6pm); Kaizer Chiefs v Bloemfontein Celtic (FNB Stadium, 8.15pm); Free State Stars v AmaZulu FC (Goble Park, 8.15)
NgeSonto: Golden Arrows v Ajax Cape Town Princess (Magogo Stadium, 3.30); Chippa United v Orlando Pirates (Nelson Mandela Bay Stadium, 3.30pm)