Isolezwe

Sifuna ukuwuwina owe-Eagles: Dladla

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weReal Kings, uSimo Dladla, ufuna ukuthola iwini yakhe yokuqala uma esebhekene noRoger Sikhakhane ocija iRoyal Eagles.

Amaqembu aKwaZulu-Natal azotholana phezulu emdlalweni womkhaya ngoMgqibel­o ngo3.30 ntambama eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. I-Kings iqumbe phansi iRichards Bay FC ngo 1-0 sekuvalwe amehlo ngempelaso­nto komunye umdlalo womkhaya eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Igoli lishaywe nguNtsako Makhubela.

UDladla utshele abezindaba ngemuva komdlalo ukuthi uzimisele ngokuqoqa amaphuzu agcwele uma esebhekene ne-Eagles ngoba akakaze awine uma ebhekene noSikhakha­ne selokhu eqale ukuqeqesha.

“Umdlalo olandelayo unzima ngoba sizobhekan­a noRoger Sikhakhane. Iqembu lethu ulazi ukusuka nokuhlala. Naye futhi ungazi ukusuka nokuhlala. URoger unamava kulesi sigaba. Angikaze ngimshaye uRoger ngakho ngikubheke ngabomvu ukuthola amaphuzu amathathu ngibhekene naye. Kuzoba ngumdlalo onzima kodwa sizolwa,” kusho uDladla.

I-Kings ihlezi endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu-35 emidlalwen­i ewu-25. Ngakolunye uhlangothi i-Eagles iyibambe endaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu awu-20 emidlalwen­i ewu-21.

“Ikhefu lemidlalo yeNedbank Cup lithe ukusithika­meza kancane. I-Bay uyibonile indlela eqale ngayo ukuthi ngabantu abakade bengaphumu­lile. Bebenomgqi­gqo ngesiwombe sokuqala. Umdlalo we-Eagles esibheke ukuwunqoba. Banomqeqes­hi omusha futhi basazama ukubamba isitayela sakhe,” kusho uDladla.

I-Eagles idlale ngokulinga­na ngo 1-1 noThongath­i FC ngempelaso­nto eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

“Siyeke amathuba alula phambi kwamapali. Izinqumo zethu yizona ezisenzele phansi. Abadlali bami ngibatshel­ile ukuthi kweminye imidlalo ngeke sibe nenhlanhla njengoba kwenzekile namuhla (ngoMgqibel­o). Njengamanj­e imiqondo yethu igxile ekutheni siqede sibalwa namaqembu amathathu aphezulu kwi-log. Seneme ngokuthi sibuyele endaweni yesibili futhi sizimisele ngokuqhube­ka nokuqoqa amaphuzu emidlalwen­i ezayo,” kusho uDladla. Imiphumela yeNFD: Cape Town All Stars 3-1 TTM: Umthatha Bucks 1-1 Tuks; Real Kings 1-0 Richards Bay FC; Black Leopards 2-0 Mbombela United; Royal Eagles 1-1 Uthongathi; Stellenbos­ch 1-1 Ubuntu Cape Town; Super Eagles 1-1 Witbank Spurs; Jomo Cosmos 0-4 Highlands Park.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa