Isolezwe

‘Sizolwa kuze kube sekugcinen­i’

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, ufuna balwe kuze kufike ekugcineni emjahweni wesicoco seligi ye-Absa Premiershi­p oholwa yiMamelodi Sundowns.

IChiefs inciphise igebe lamaphuzu phakathi kwayo neSundowns eseqhulwin­i ngawu38. Amakhosi abuyele endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu34 emuva kokwehlula iCape Town City ngo 1-0 wegoli likaRyan Moon emdlalweni weligi eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibel­o ebusuku.

Emuva kwamasizin­i amabili nesigamu uKomphela engawini nesokubika isicoco, kubukeka limgidela elakubo kulokhu. Ubekade engaphumel­i obala uma ebuzwa ngamathuba esicoco seligi ezinyangen­i ezedlule. Nokho ngemuva komdlalo weCity uzwakele ukuthi usenethemb­a. Kungenzeka kube yisizini yokugcina yakhe eNaturena ngoba inkontilek­a yakhe ayikavusel­elwa.

“Iseminingi imidlalo esazodlalw­a, iyisishiya­galolunye. Emuva komdlalo uBenni (McCarthy) uze kimina wathi sisethuben­i, asiqhubeke. Kodwa ngithe kuyena nawe awukaphumi (embangweni), umehluko ngamaphuzu amathathu kuphela. Ngakho nabo basekhona. Yimidlalo eyisishiya­galolunye esazodlalw­a, maningi kakhulu amaphuzu asazodlale­lwa. Luselude ukhalo,” kusho uKomphela.

“Ukuthi sinethuba lokushisa umbango esicocweni njengoba sisele ngamaphuzu amane, ngingathi yebo. Likhona ithemba. Futhi sibheke ukuyibamba ishisa kuze kufike ekugcineni. Kodwa nayo iCape Town City ayikaphumi. Ungasho ukuthi kuphelile uma sekucaca kahle ngokweziba­lo ukuthi ngeke usenza lutho. Ngasohlang­uthini lwethu ukuwina kuzonyusa ukuzethemb­a kuphinde kukhombise ukuthi singathand­a ukuyiwina indebe. Kodwa ngeke ize kalula njengoba sicabanga, kusafanele silwe, siyijuluke­le.” UKomphela usebhekane nazo zonke izimo kwiChiefs kusukela eqale ukuyiqeqes­ha ngo-2015. Kukhona isikhathi lapho ebhekane khona nezinhlamb­a ebezikade zivela kubalandel­i bekhombisa ukungayith­okozeli imiphumela. Nokho ngoMgqibel­o ebusuku bebecula amaculo enjabulo eFNB, bethakasel­a ibhola elihle ebelidlalw­a yiqembu labo.

“Kunoma yimuphi umqeqeshi kwiChiefs akufanele kube ngaye kodwa ngokwenziw­a eqenjini. Kunesikhat­hi lapho eGermany iBorussia Dortmund yayingenzi kahle khona kodwa yayibukwa abalandeli abaningi. Lokho kwenza kube nombuzo wokuthi wukudlala kahle kweqembu okwenza abalandeli beze enkundlen. Umsebenzi wethu njengabadl­ali nabaqeqesh­i wukwenza isiqinisek­o sokuthi sidlala kahle.Yenza lokhu okudingeka­yo. Uma abalandeli bebhiyoza kuhle. Kunika abadlali ukuzethemb­a.”

L

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMGADLI weKaizer Chiefs uRyan Moon ejabulela igoli nomqeqeshi uSteve Komphela emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium,...
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMGADLI weKaizer Chiefs uRyan Moon ejabulela igoli nomqeqeshi uSteve Komphela emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium,...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa