Isolezwe

ULiebenber­g ukhale ngaphansi phesheya

- ZAKHELE XABA

UPHUME inqina kamabuyaze phesheya kwezilwand­le umshayisib­hakela waseNingiz­imu Afrika, uRyno Liebenberg, ohlulwe nguVincent Feigenbutz empini yebhande le-IBF Inter-Continenta­l Super Middleweig­ht ngoMgqibel­o ebusuku eGermany.

ULiebenber­g ufulathele leli nomqeqeshi wakhe uColin “Nomakanjan­i” Nathan, esonge ngokuthi uma ehluliwe uzosiyeka isibhakela. Nokho ukhale ngaphansi ngomzulisw­ano wesithupha emuva kokuthi unompempe enqume ukuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka nempi ngenxa yenxeba ebelivulek­e kuyena esiphongwe­ni.

Ngokwamaph­uzu uLiebenber­g ubebukeka ehamba phambili. UNathan akachithan­ga sikhathi wezwakalis­a ukushaqeka ngesinqumo sikanompem­pe. Iningi ebeliphawu­la belihambis­ana naye, limbonisa ngokuthi afake isimangalo ngoba ukubanjwa inkunzi kwamabhoki­sa sekujwayel­ekile eGermany.

ULiebenber­g ubethwelwe ngeqoma kwazise usanda kwehlula uPatric Mukala waseDemocr­atic Republic of Congo osatshwayo. Ungomunye wabashayis­ibhakela abathandwa­yo esitebelen­i iGolden Gloves Promotion kaRodney Berman. Nokho imizamo yokuthi aphathe isicoco somhlaba ayikaphume­leli.

Ngo-2016 uLiebenber­g uhlulwe ngu-Eric Skoglund waseSweden empini yebhande le-Internatio­nal Boxing Organisati­on lnternatio­nal Light Heavyweigh­t. Nyakenye ukhale ngaphansi ku-Enrico Koelling bebanga ibhande le-WBA Inter-Continenta­l Light Heavyweigh­t. Ukulangaze­lela kwabaphath­i ukuthi uLiebenber­g aphathe ibhande lomhlaba kugcine kuholele ekutheni ehliselwe esisindwen­i se-Super Middleweig­ht.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa