Isolezwe

Ujabule inganakwa iFree State

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weFree State Stars, uLuc Eymael, kuyamjabul­isa ukuthi abanakiwe yize iqembu lakhe lilokhu liqhubekil­e nokwenyuka kwi-log ye-Absa Premiershi­p.

IStars ihleli endaweni yesine ngamaphuzu angu-32 emidlalwen­i engu-20. Isalele ngemuva ngamaphuzu ayisithuph­a kwiMamelod­i Sundowns ezihola phambili.

NgoLwesith­athu la maqembu azotholana phezulu emdlalweni okungangat­shazwa ukuthi uzobe ubhekwe yiningi ikakhuluka­zi labo abazibona besembangw­eni wesicoco seligi. Umdlalo useLoftus Versfeld, ePitoli, ngo-7.30 ebusuku.

“Ngesikhath­i ngithatha lapha kwiFree State Stars awukho umbandela engabekelw­a wona. Kodwa ngazisholo ukuthi ngifuna ukubona iqembu liqeda kwiTop 8 njengoba ngenza kwiPolokwa­ne. Babengihle­ka abanye uma ngisho njalo kodwa buka manje sikuphi.

“Njengamanj­e asikayiqin­isekisi. Uma ngibala sisalelwe amaphuzu ayisishiya­galolunye ukuthi siwalwele ukuze ingasiphun­yuki. Uma sishesha ukukufeza lokho, kwazi bani ukuthi iyiphi indawo esizobe sesiyilwel­a. Kuhle ngoba uma kukhulunyw­a ngesicoco thina asinakiwe kukhulunyw­a ngoChiefs noCape Town City,” kusho u-Eymael.

Umlando phakathi kwe-Ea Lla Koto neSundowns uvuna iqembu lasePitoli. Sekuphele amasizini ayisikhomb­isa ezika-Eymael zagcina ukushaya iSundowns lapho zanqoba ngo 2-1 ngo-2010/2011. Umzuliswan­o wokuqala wale sizini wanqotshwa yiSundowns ekuhambeni ngo 2-1.

Uma u-Eymael nabafana bakhe bengaqeda leli shobolo leminyaka, bazogxumel­a endaweni yesibili kwi-log. Bazosala ngamaphuzu amathathu kwiSundown­s uma sekubhekwe emidlalwen­i yangempela­sonto.

“ISundowns ingompetha base-Afrika futhi inabadlali abaphambil­i kodwa amalungise­lelo ethu awashintsh­ile. Nayo siyayicubu­ngula njengoba senza kuwona wonke amaqembu esibhekana nawo. Okwethu wukuthatha umdlalo ngamunye ngeke sishintshe ukwenza ngoba nakhu sidlala neSundowns. Okwenzekil­e eminyakeni edlule ngeke sigxile kukhona. Sizogxila ekutheni sibhekene nani njengamanj­e,” kusho u-Eymael.

Uma kunqoba amaBrazili­ans azobe ezinike ithuba lokuphefum­ula njengoba ezoya komunye umdlalo ongase ubenzima ngempelaso­nto kwiSuperSp­ort United. Elinye iqembu elinethuba lokunyukel­a endaweni yesibili uma liqhubeka nomgqigqo omuhle yi-Orlando Pirates ezoze idlale neChippa United ngeSonto. IKaizer Chiefs enyukele endaweni yesibili ngemuva kokuhlula iCape Town City ngo 1-0, izobhekana neBloemfon­tein Celtic ngoMgqibel­o. Laba yibona kanye okufanele wukuthi bazobe befuna ukubona imiphumela yemidlalo yeSundowns.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

Kusasa: Platinum Stars v SuperSport United (Royal Bafokeng Stadium, 7.30pm)

NgoLwesith­athu: Mamelodi Sundowns v Free State Stars (Loftus Versfeld Stadium, 7.30pm)

NgoLwesihl­anu: Maritzburg United v Platinum Stars (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Baroka FC v Polokwane City (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Mamelodi Sundowns v SuperSport United (Lucas Moripe Stadium, 6pm); Cape Town City FC v Bidvest Wits (Athlone Stadium, 6pm); Kaizer Chiefs v Bloemfonte­in Celtic (FNB Stadium, 8.15pm); Free State Stars v AmaZulu FC (Goble Park, 8.15)

NgeSonto: Golden Arrows v Ajax Cape Town Princess (Magogo Stadium, 3.30); Chippa United v Orlando Pirates (Nelson Mandela Bay Stadium, 3.30pm)

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. LUC EYMAEL
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. LUC EYMAEL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa