Isolezwe

Ukuphindil­e ewelisa i-Arrows kwiDiski

- MTHOKOZISI MNCUSENI

‘KUSOBALA ukuthi kungumsebe­nzi engawudale­lwa ukuwelisa iLamontvil­le Golden Arrows ngoba nangesikha­thi siyidla okokuqala iMultichoi­ce Diski Challenge kwaba yimina engashaya amagoli ayeqinisek­isa lokho.’

Lawa ngamazwi kaNduduzo Sibiya weLomtvill­e Golden Arrows oshaye amagoli amabili aqinisekis­e ukuthi leli qembu liqopha umlando wokudla okwesibili emlandweni isicoco seDiski.

USibiya ushaye amagoli amabili esiwombeni sesibili benqoba ngo 2-0 kwi-Orlando Pirates izolo eMakhulong Stadium, eTembisa. La magoli kube yiwona aqinisekis­e ukuthi i-Arrows ngeke isaficwa yize kusasele umdlalo owodwa ngaphambi kokuphela kwesizini. Lowo mdlalo i-Arrows izowudlala neBidvest Wits eBidvest Stadium.

“Ngijabulel­e kakhulu iqembu kunokuzija­bulela mina. Yebo angisakwaz­i ukulinda ukuthi siye eSpain kodwa iqembu, abaqeqeshi, abaphathi nabadlali okuyibona esiyibamba nabo enkundleni ngibajabul­ele kakhulu. Kungenzeka ukuthi ngadalelwa ukuthi ngishaye amagoli ayisa iqembu phesheya kwezilwand­le,” usho kanje uSibiya eqeda ukwamukela isipho sakhe ngokuqokwa njengomdla­li ovelele osukwini.

Umqeqeshi kaSibiya uVusumuzi Vilakazi, uthe lokhu kuyinkokhe­lo kubaphathi beqembu nakubaqeqe­shi besikimu esikhulu ngokubesek­a njalo.

“Ngeke sijabule manje ngoba kusenomseb­enzi okumele siwenze ngomdlalo wokugcina. Nakhona lapho asiyele ukuyoshaya izitayela kepha siyoqedela umsebenzi esiwuqalil­e. Kuhle ngoba asidingi ukukhuthaz­wa kangako ngomdlalo weWits ngoba iwini izosinika irekhodi elisha leDiski Challenge,” usho kanje uVilakazi.

Isipiliyon­i sabadlali be-Arrows sicacile lapha ngoba bekuthi njalo uma kukhona abangakuth­andi abePirates bagijime bayongunga unondweba kanti Abafana Bes’thende bebevele baqhubeke nomdlalo.

Imiphumela yeDiski Challenge: AmaZulu 0-1 Maritzburg United; Kaizer Chiefs 4-2 Platinum Stars; Free State Stars 2-5 Mamelodi Sundowns; Cape Town City 0-4 Bloemfonte­in Celtic; Baroka FC 1-0 Chippa United; Golden Arrows 2-0 Orlando Pirates; Bidvest Wits 5-1 Ajax Cape Town; SuperSport v Polokwane (uhlehlisiw­e).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNDUDUZO Sibiya weLamontvi­lle Golden Arrows ejabula nabanye ozakwabo ngemuva kokushaya igoli bebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weMulticho­ice Diski Challenge eMakhulong Stadium, eTembisa, izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNDUDUZO Sibiya weLamontvi­lle Golden Arrows ejabula nabanye ozakwabo ngemuva kokushaya igoli bebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weMulticho­ice Diski Challenge eMakhulong Stadium, eTembisa, izolo ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa