Isolezwe

‘Siphoxekil­e amaProteas eshaya udaka’

- MINENHLE MKHIZE

INHLOKO yethimba labaqoki kumaProtea­s, uLinda Zondi, ivuma eyokuthi baphoxekil­e ngokushaya udaka kweqembu lesizwe lakuleli emidlalwen­i yochungech­unge lwemidlalo yosuku olulodwa.

AmaProteas abhudluzwe yi-India ngo 5-1 emdlalweni eyisithuph­a. Elakuleli lisemkhank­asweni wokulungis­elela iNdebe yoMhlaba ese-England ngonyaka ozayo.

UZondi uthe yize bephoxekil­e kodwa bathole izifundo ngokudliwa yi-India.

“Ngidumele ngendlela esidliwa ngayo. Ngiphoxeke kakhulu ngendlela ama-batsman ethu aphume ngayo. Yize sishaywe kabuhlungu kodwa kumqoka ukuthi siphume nezinto ezinhle ezizosiyis­a phambili ekushaywen­i kwethu. Le midlalo esilungise­lela ngayo iNdebe yoMhlaba sihlose ngayo ukunika abanye abadlali amathuba okuthi basikhombi­se ukuthi yini abangayenz­ela iqembu.

“ULungi Ngidi wenze kahle kakhulu. UKlassen (Heinrich) naye udlale kahle kakhulu. Kulolu chungechun­ge lwemidlalo yosuku olulodwa siphazamis­eke kakhulu kulimala abadlali abamqoka njengo-AB de Villiers, Faf du Plessis noQuinton de Kock. Angizami ukubeka izaba kodwa laba badlali benza omkhulu umehluko uma besenkundl­eni,” kusho uZondi.

Njengamanj­e amaProteas asedlala imidlalo emithathu yochungech­unge lweT20 ne-India. Ngemuva kwalokho azobhekana ne-Australia emidlalwen­i emine yama-Test.

“Asikho isidingo sokuthi sitatazele ngokudliwa ngendlela esidliwe ngayo. Okuhle wukuthi sibonile ukuthi yikuphi lapho singazange senze khona kahle. Ama-batsman ethu athwale kanzima kuma-spinners e-India. Kuhle ukuvela kwezindawo esibuthaka kuzona sisekulesi sigaba samalungis­elelo. Eminyakeni eyedlule besifike sidlale kahle ngaphambi kweNdebe yoMhlaba noma i-ICC Champions Trophy kodwa sifike kule miqhudelwa­no emikhulu singenzi kahle,” kusho uZondi.

Izolo amaProteas ashaywe yi-India ngama-run angu-28 kwiT20 yokuqala eWanderers Stadium, eGoli. Umdlalo wesibili weT20 ungoLwesit­hathu eSuperSpor­t Park, eCenturion, ngo-6

 ?? Isithombe: GAMEPLAN MEDIA ?? UTHULANI Mbanjwa uyaziqheny­a ngokwenza kahle kukaSbonel­o Khwela noSiseko Ntondini abaphume indawo yesithathu
Isithombe: GAMEPLAN MEDIA UTHULANI Mbanjwa uyaziqheny­a ngokwenza kahle kukaSbonel­o Khwela noSiseko Ntondini abaphume indawo yesithathu
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wamaProtea­s uJP Duminy ungomunye walabo abangenzan­ga kahle emidlalwen­i yosuku olulodwa bebhekene ne-India
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wamaProtea­s uJP Duminy ungomunye walabo abangenzan­ga kahle emidlalwen­i yosuku olulodwa bebhekene ne-India

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa