Isolezwe

Ubhacile oshaywa yisoka elingaliwa

- NONTUTHUKO NGUBANE

USEHLALA ekubhaceni owesifazan­e waseCliffd­ale ngaseHamma­rsdale osephenduk­e ukudla kwenduku, oshaywa yisoka lakhe elingafuni ukwaliwa.

Owesifazan­e oneminyaka engu-24, ongeke adalulwe ukuze kuvikelwe ingane yabo, uthe uzizwa engasaphep­hile ngoba usayisutha induku yize enencwadi yasenkanto­lo evimbela uyise wengane yakhe oneminyaka engu-26 ukuthi asondele kuye.

Izolo, ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e neSolezwe esekubhace­ni , uthe usedinga usizo ukuze aphephe.

“Amaphoyisa ayehluleka wukungivik­ela, incwadi yenkantolo ayikwazi ukungivike­la. Ngenze yonke imizamo yokuba angasondel­i kimina kodwa ungena ngenkani ekhaya, angishaye phambi kwamalungu omndeni wami. Angisazi kumele ngenze njani, sengiphila njengenyam­azane ngibaleka njengoba sengihlala kubangani nakomakhel­wane ngibalekel­a yena,” esho ekhala.

NgeSonto, kuthiwa uyise wengane yakhe ufike endaweni yokucwala izinwele asebenza kuyo wamshaya kubuka abantu.

“Sibize amaphoyisa aseHammars­dale akhala ngokuthi incwadi yenkantolo enginayo isindala futhi akukho angakwenza ngoba lizodedelw­a (isoka) ngakusasa. Angazi noma lizobuya lingihlase­le yini ngoba lingisonge­lile lathi liyophumul­a sengifile,” kusho yena.

Kuvele ukuthi amaphoyisa awafunanga ukuvula icala kodwa athe azothatha isoka lalo wesifazane ukuvikela ukuthi lisondele kuyena.

Isihlobo sakhe, esicele ukungadalu­lwa ngenxa yokwesaba isoka, siveze ukuthi nabo basengozin­i.

“Asazi singamsiza kanjani uma isoka lakhe limshaya ngoba lokhu likwenza phambi kwabantu, lisabise ngokubasha­ya noma ngokubagwa­za. Kusimangaz­ile ukuthi amaphoyisa uma siwabiza athi kumele siqhamuke nesisombul­ulo ngoba awasazi ukuthi azomsiza ngani. Thina sizokwenze­njani ngoba silindele amaphoyisa ukuba asivikele?” Kubuza isihlobo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt. Colonel Thembeka Mbele uvumile ukuthi akukho cala elivuliwe ngakho owesifazan­e kumele ayolivula uma eshayiwe aphathe nencwadi yasenkanto­lo.

Uthe bazophenya ukuthi kungani amaphoyisa enqabile ukuvula icala.

Ilungu lekomiti elilwa nobugebeng­u kule ndawo elinqabile negama lalo lithe bayazi ngalesi sigameko kodwa konke bakubikele amaphoyisa abefike ngeSonto.

Induna yaseCliffd­ale, uMnuz Sibusiso Ntinga, ithe babikelwa ngodaba lokuhlukun­yezwa kowesifaza­ne, babiza isoka lakhe kodwa langafika.

“Samcebisa ngokuthi ayofuna incwadi emaphoyise­ni ngoba asikwazi ukuphoqa umuntu ukuba eze ecaleni enduneni,” kusho uNtinga.

Isoka lifonelwa izolo ucingo beluvaliwe, lithunyele­lwe ne-sms ebingakaph­endulwa.

Okhulumela iNPA esifundazw­eni, uNkk Natasha Kara, ebuzwa ngale ncwadi yasenkanto­lo uthe badinga isikhathi esanele sokuphawul­a ngayo ngoba izimantshi zisuke zisenkanto­lo emini.

Owesifazan­e utshele Isolezwe ukuthi akawuphasa­nga uGrade 12 ngoba isoka lalimvimba uma eya esikoleni. Lake lamdonsa izinwele elukile zashumpuka phansi esikhumben­i.

Uthe baqale ukuthandan­a eneminyaka engu-15, wathola umntwana ngo-2010. Ngo-2011 laqala ukumshaya.

“Kusukela ngaleso sikhathi ngizama ukuhlukana naye, angishaye aze angiklinye ethi ngeke ngihlukane naye,” kusho yena.

Uthe ubehlala nogogo wakhe, umfowabo nodadewabo, eshaywa phambi kwabo nabo basabe nokuphuma endlini. Uthe yingane yakhe eneminyaka eyisikhomb­isa ebilamula uma eseshaywe kakhulu.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY /ANA ?? UFISA ukuthola usizo ukuze aphephe owesifazan­e okhala ngokushayw­a nguyise wengane yakhe athi akafuni ukwaliwa
Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY /ANA UFISA ukuthola usizo ukuze aphephe owesifazan­e okhala ngokushayw­a nguyise wengane yakhe athi akafuni ukwaliwa
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa