Isolezwe

Kubulawe abasolwa ngokugqeke­za imizi

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBULAWE abahlanu abasolwa ngokuba yizigebeng­u ezingongqo­ndongqondo ekugqekeze­ni imizi, eKloof ngasePinet­own ngaphandle kwaseThekw­ini, izolo.

Kube nesiminyam­inya esithathe amahora acela kwamane emgwaqweni uM13, uma usuzongena edolobheni ePinetown, izimoto zingakwazi ukuhamba ngenxa yalesi sigameko esenzeke ngo-12 emini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe kushone abahlanu kwalimala oyedwa kulesi sigameko.

“Abasolwa bagqekeze omunye umuzi eKloof, bathatha amathelevi­shini amabili nobucwebe kwabikelwa amaphoyisa. Kubonakale iMercedes Benz emhlophe ebihamba abasolwa amaphoyisa ayijaha. Abasolwa baqale badubula amaphoyisa nawo adubula ezivikela. Imoto ebihamba abasolwa igcine ngokuphaph­alaza yaphuma emgwaqweni yalala ngomhlane ehlathini. Kushone abahlanu, oyedwa udubuleke emhlane waphuthuny­iswa esibhedlel­a lapho egadwe khona amaphoyisa,” kusho uCol Mbele.

Uthe emotweni kutholwe izibhamu ezimbili, ikhamera, amathelevi­shini amabili, amateku nokunye.

Kusavulwe icala lokugqekez­a, kuzovulwa idokodo ngokushona kwabahlanu, ngamacala okuzama ukubulala namanye njengoba kusazohlol­wa nemoto abebehamba ngayo.

Isolezwe ngesikhath­i lifika endaweni yesigameko bekuvalwe umgwaqo, izimoto zingakwazi ukunyakaza. Isiminyami­nya besisuka eHillcrest size singene ePinetown. Abaningi abavalelek­ile bebeyoland­a izingane eziphuma esikoleni, nabasebenz­i bephuma emsebenzin­i.

Izimoto zize zadedelwa abacwaning­a indawo yesigameko sebeqedile ukuhlola umonakalo.

Kwenzeka lokhu nje emasontwen­i amabili edlule amaphoyisa adubule abasolwa abangu-10 okwakuthiw­a babehlela ukuyobamba inkunzi. Kwaphinde kwadutshul­wa abasolwa abayisithu­pha KwaMashu okuthiwa babebuya kobamba isitolo sobucwebe inkunzi.

Amaphoyisa asanda kuxwayisa abanikazi bemizi ngokuthi bangagcini ubucwebe obuningi ezindlini ngoba lokhu kwenza babe sengozini yokugqekez­elwa noma bahlaselwe babanjwe inkunzi.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? ABEMATASA amaphoyisa emgwaqweni uM13 ngemuva kokudutshu­lwa kwabasolwa abahlanu ababulawe ngesikhath­i bedubulana namaphoyis­a izolo
Isithombe: DOCTOR NGCOBO ABEMATASA amaphoyisa emgwaqweni uM13 ngemuva kokudutshu­lwa kwabasolwa abahlanu ababulawe ngesikhath­i bedubulana namaphoyis­a izolo
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IMOTO ebihamba abasolwa ilale ngomhlane eceleni komgwaqo kuM13
Isithombe: SITHUNYELW­E IMOTO ebihamba abasolwa ilale ngomhlane eceleni komgwaqo kuM13

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa