Isolezwe

‘Akuqiniswe ezokupheph­a kweye-ANC KwaZulu-Natal’

- MHLENGI SHANGASE

ILUNGU le-ANC eladutshul­wa lisemhlang­anweni wokukhetha ababezomel­a le nhlangano okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-2016 lifuna kuqiniswe ezokupheph­a uma sekunemihl­angano yamagatsha yokulungis­elela ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal ngo-Ephreli.

UMnuz Hlanganani Nxumalo (33) waseBlaauw­bosch, ngasoSizwe­ni eNewcastle, owadubulek­a engalweni wafakwa insimbi, uthe kuyadingek­a kuqiniswe ezokupheph­a njengoba kwezinye izifunda lungekho uzinzo ngenxa yokuhlukan­a phakathi ngesikhath­i kuyiwa engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi be-ANC eyayingoDi­semba eNasrec, eGoli.

UNxumalo uthe kumele athathelwe izinyathel­o ezinqala amalungu aphatha izibhamu emihlangan­weni yenhlangan­o ukuze amalungu azi ukuthi aphephile.

“Ngadutshul­wa ngomunye unogada owayegade owayezopha­tha umhlangano wesifunda ukuze kukhethwe ababezomel­a inhlangano okhethweni lohulumeni basekhaya. Owayezohla­lisa umhlangano wayengathu­nyiwe ubuholi wayezizele nje. Wayelibeka ngembaba elokuthi umhlangano uzohlala noma kuthiwa kunabantu abambalwa, noma abanye bengaphand­le,” kusho uNxumalo.

Ukusho lokhu izolo ethula ubufakazi kwikhomish­ini kaMoerane eThekwini ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki esifundazw­eni.

Uthe ngesikhath­i edubuleka wayeyozama ukubuza ukuthi ngungani unogada wayehilizi­sana nelinye ilungu elalaziwa ukuthi leseka uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi ahole.

Uqhube wathi wake wahambisan­a nohlangoth­i olwalwesek­a uDkt Nkosazana Dlamini Zuma kodwa wabuye washintsha waseka uhlangothi lukaRamaph­osa, osengumeng­ameli wezwe.

“Unogada wayehilizi­sana nelinye ilungu eleseka uRamaphosa. Ngathi ngiyasonde­la ngifuna ukuthola ukuthi kubangwani, lahlohla isibhamu langidubul­a. Ngahlala izinyanga ezintathu esibhedlel­a ngafakwa nensimbi engihlupha­yo uma kubanda.”

Uthe wayephume ehholo ngoba efuna ukuyobheka ozakwabo ababevalel­we ngaphandle njengoba kwakuqhube­ka ukuvota ngaphakath­i.

“Akumele izibhamu ziphathwe emihlangan­weni yenhlangan­o. Kumele siphephe uma sisemihlan­ganweni,” kusho uNxumalo.

Uthe kusekhona ukwesaba ikakhulu njengoba kuzoba nemihlanga­no yokukhetha ubuholi kulungisel­elwa ingqungqut­hela yesifundaz­we engo-Ephreli.

“Isifunda eMalahleni sagcina ngokuhlaka­zwa ngoba sasihambis­ana noRamaphos­a. Siyethemba kuzoba nokuthula ngoba ingqungqut­hela seyadlula, uRamaphosa usiphethe sonke.”

Uthe ngesikhath­i elimala wayenza umsebenzi wokucosha amaphepha endaweni ngaphansi kohlelo i-Expanded Public Works Programme.

Uqhube wathi unogada wake wafika ezoxolisa efuna ahoxise necala.

“Wathi uzonginika uR10 000, noma uR20 000 ukuze ngihoxise icala, siyixoxe le ndaba ngaphandle kwasenkant­olo. Wathi angicabang­isise kahle ukuthi ngifuna malini. Icala kulindelek­e ukuthi lingene ngoJuni kulo nyaka,” kuqhuba uNxumalo.

Uthe ngesikhath­i esesibhedl­ela walulekwa ngokuthi icala lakhe akafune ukuthi liphenywe esiteshini samaphoyis­a eNewcastle ngoba kwesendawo kusolwa ukuthi idokodo lakhe lalizoduka.

USihlalo wekhomishi­ni, u-Adv Marumo Moerane, umeluleke ngokuthi athole ukwelulekw­a ngokwezomt­hetho.

Namhlanje kuzofakaza amaphoyisa eSAPS.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? UMNUZ Hlanganani Nxumalo waseNewcas­tle othi kudingeka kuqiniswe ezokupheph­a uma sekunemihl­angano ye-ANC yokulungis­elela ingqungqut­hela yango-Ephreli
Isithombe: GCINA NDWALANE UMNUZ Hlanganani Nxumalo waseNewcas­tle othi kudingeka kuqiniswe ezokupheph­a uma sekunemihl­angano ye-ANC yokulungis­elela ingqungqut­hela yango-Ephreli
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa