Isolezwe

Okwethulwe aphikisayo kuRamaphos­a

- MAYIBONGWE MAQHINA

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ufakelwe ingcindezi abaholi bamaqembu aphikisayo abathi akaxoshe ongqongqos­he abathintek­a embikweni wokulawulw­a kombuso yidlanzana elifuna ukufeza izinhloso zalo nokuthi anciphise iminyango kahulumeni.

Izolo abamaqembu aphikisayo bathe uRamaphosa kufanele afeze isithembis­o sakhe sokulwa nenkohlaka­lo futhi angavikeli osopolitik­i abasolwa ngenkohlak­alo.

Umholi weDA , uMnuz Mmusi Maimane, ukwamukele ukuzibophe­zela kukaRamaph­osa ekulweni nenkohlaka­lo wathi osekusele manje wukuthi anciphise iKhabhinet­hi yakhe ngokwehlis­a isibalo songqongqo­she abangu-35.

“Kungenzeka ukuthi kuncishisw­e ongqongqos­he kwiKhabhin­ethi kube neminyango engu-15. Lokhu kungafukul­a umnotho, kuphinde kwakhe amathuba omsebenzi. Kuzosiza uhulumeni ukuthi onge uR4.7 billion ngonyaka,” kusho uMaimane.

Uthe uma uRamaphosa ezimisele ngokulwa nenkohlaka­lo uzoxosha oNksz Bathabile Dlamini, Faith Muthambi, Lynne Brown, oMnuz Mosebenzi Zwane, Malusi Gigaba, Des van Rooyen, David Mahlobo noBongani Bongo.

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe akaqondi ukuthi kungani uNksz Muthambi esengungqo­ngqoshe.

“Angisiboni isizathu sokwenziwa kwakhe ungqongqos­he, wumholi onjani owenza uNksz Faith Muthambi ungqongqos­he ashiye umuntu ofana noNkk Thoko Didiza?” kubuza uMalema.

Naye uthe uRamaphosa akumele amoshe isikhathi kodwa akachithe ongqongqos­he abangawenz­i umsebenzi njengoba enzile kwa-Eskom.Umholi we-UDM, uGeneral Bantu Holomisa, uthe inkohlakal­o edla lubi beyenziwa ngabaholi abazitshel­a ukuthi banamadla adlula wonke umuntu.

“Mengameli kufanele bajeziswe abalahlwa ngamacala enkohlakal­o,” kusho uHolomisa.

UNkk Phumzile van Damme uthe uhlabeke umxhwele ngokuzibop­hezela kukaRamaph­osa ekulweni nenkohlaka­lo.

“Akufanele kujeziswe abasebenzi bakahulume­ni kuphela ngokuxhash­azwa kwemali eminyangwe­ni kodwa nosopoliti­ki kufanele bajeze ngokweba imali yabakhokhi bentela,” kusho uNkk van Damme.

Uthe kufanele kushushisw­e uMnuz Jacob Zuma kuqala.

“Sifuna ukubona uMengameli Ramaphosa eyisibonel­o esihle ngokwenza lokho akushoyo. Kufanele ajezise noMnuz Zuma osebenzise izigidi ebalekela ukushushis­wa yizinkanto­lo,” kusho uNkk van Damme.

Uthe noNobhala Jikelele ophinde abe nguNdunank­ulu waseFree State, uMnuz Ace Magashule noMnuz Mosebenzi Zwane kufanele bashushisw­e. Naye uvumelane nozakwabo ethi kufanele kuxoshwe uNksz Muthambi noBrown.

UMnuz Jackson Mthembu, onguSotswe­bhu we-ANC, uthe abaholi abasePhala­mende kufanele babe nesimilo nenhloniph­o.

“Uma abaholi benesimilo nenhloniph­o sizophumel­ela siyizwe. I-ANC ithembisa abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi izoyiqeda nya inkohlakal­o kuhulumeni nasezinkam­panini ezizimele,” kusho uMthembu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa