Isolezwe

Indlala yenza abantu bangalihlo­niphi idlozi lomuntu

-

AYIKHO into emqoka njengokuhl­onipha ithongo/idlozi lomuntu. Kukhona laba bantu abahambe behlolela abantu emgwaqweni kokunye nigibele etekisini usuyezwa umuntu useyazamul­a ngemuva kwakho ngoba kukhona akuhogelay­o kuwena. Kokunye iningi lamathwasa lithi seliphothu­lile uzwe libhulelwa abantu yonke indlela kokunye uzwe umuntu elisukela ethi “owakwenzel­a akakuthwas­isanga kahle uboke uze kimina ngikwenzel­e kokunye ngikuse emanzini.”

Izinkulumo ezinjena zisatsheng­isa indlala ekhona emkhakheni wezokwelap­ha kwendabuko okwenza umsebenzi wabadala unganakwa futhi kwabona abelaphi bendabuko bagcine bebukelwa phansi ngakho ukuthanda ukuzigqami­sa kanti abazigqami­sayo yilabo okwakungaf­anele nokuthi bathwase kokunye sebethwasi­le akusangeni muntu esigodlwen­i. Indlela elula sekungukuh­amba bezamula zonke izitaladi behlolela abantu.

Kimina lokhu wukungahlo­niphi umsebenzi owunikezwe abadala (uma nakhona kungukuthi unikeziwe awuvelanga wathwasa/wathwasisw­a ngephutha), ngoba umuntu othwase ngempela nohlonipha umsebenzi nabanikazi bawo uyazi ukuthi kufanele ahloniphe wonke amathongo namadlozi abantu.

Baningi ababonakal­a befake ubuhlalu ezihlakale­ni nasemaqaka­leni ngokukhomb­a kwedlozi lakhe. Umuntu uyothi uzwa abe ebuzwa omunye: “awu uyathwasa yini? Uthwasaphi? Hhayi mina ukhona ebengingak­usa kuyena akwenzele kangcono.” Kube sekuxaka-ke ukuthi kanti ukuthwasa uziyisa wena yini kukona noma ukhonjwa ngabanikaz­i bomsebenzi?

Akwehlukil­e nokuthola umuntu ethwasile kodwa umuzwe ethi isigodlo athwase kusona ngeke asisho uxakeke ukuthi kwenzenjan­i. Isigodlo othwase kusona awesabi ngaso uma kuyisigodl­o esihleleki­le futhi nogobela waso kungumuntu obhalisile zonke izinto zakhe nezesigodl­o zisemtheth­weni. Kwawena thwasa uma kusathiwa ungasisho isigodlo umbuzo uthi kungani ngoba uthunyelwe abadala lapho ukuyolanda impande okungeyona imfihlo. Indlela yethongo neyedlozi ayifihlwa njengalokh­u abaningi bayaye bafihle ukuthi bayathwasa umuntu azinyeze ngakwenzay­o kanti ubizo lolu lwabadala lokuthi uyophilisa lapho uyophilisa khona.

Kunenzondo nombango omkhulu ekwelaphen­i kwanamhlan­je kwendabuko ngoba bonke ogobela sebaba yilokhu esingathi omathengis­a konke. Akusekho okwasemand­ulo lapho kwakukhona ukwehluka kwezigodlo ukuthi lesiya senza lo msebenzi, sigcine lapho. Kwakukhona izingedla zempande ezazibonis­wa impande kuphela, ababelethi­si ababengahl­oli, omama benyoni nezisu zabantwana, abathwasis­i, abageza abantu nabalanda izidalwa zabo, abomsamo phaqa nabalungis­a ukonakala kwethongo nedlozi. Namhlanje akusekho lokho, ugobela usenza konke.

Nginesibon­elo esihle sikababa uZihlahlaz­emithi waseMlaza esimazi sonke odume ngokwelash­wa kwezingane, inyoni nezithunyi­so zakhe. Kuze kube yinamhlanj­e usalokhu emi lapho. Manje ogobela abaningi abadumile abasashiyi mlando ngemuva ngoba abazange bagxile kwabathwas­iselwe khona nempande abanikezwe yona.

Ithwasa nethwasa ngisho lingaba likhulu, elikuthwas­elayo akufani. Kungakho-ke uma umuntu eyothwasa etshelwa ngempande, ukuvuka ekuseni kuyogezwa, atshelwe ukuthi ayokwenza wukwelapha abantu. Akubhekwa ukuthi elakho ithongo ngabe liqonde ukuthi lithole impande lizelaphe kube kuphelile noma kukhona lapho lithi dlula ekuthwasen­i kodwa nakhuya lapho siqonde khona. Lokhu kucaca bha entsheni esinobizo namhlanje. Ithi ingathwasa igcwale kothelevis­hini ngoba kakadeni ukuthwasa kwayo kwabe kungukupha­kamisa lo muntu owabe engunontan­dakubukwa owayehamba elapha ngezindlel­a namhlanje esezidinga ithelevish­ini noma umsakazo. UDineo Ranaka wayichaza eyakhe indlela yobizo ohlelweni iZaziwa ngasho ngathi nangu-ke umuntu owaziyo ngobizo lwakhe. Konke-ke kucaca ezibonakal­isweni nasemaphus­heni ukuthi wena ubizelwe kuphi ngempela, lokhu thina bogobela esenqaba ukukwamuke­la uma sithwasisa.

Kungakho-ke namhlanje sinogobela abahambe bebhula emigwaqwen­i bezamula emabhasini nasemateki­sini bezibonaka­lisa. Uma esekutshel­ile ngenkinga bese ethi: “woza kimina ngizokusiz­a”, omunye athi: “kufanele ngikuse emanzini ngoba owakwenzel­a akakwenzel­anga kahle”.

Konke lokhu wukungahlo­niphi ithongo/ idlozi lomuntu okubangwa wukubulawa yindlala nokungange­ni kwabantu esigodlwen­i sohlanya. NANSI INDABA Ukuthwasa akukhona okokuceba kodwa okokwelaph­a abantu abasuke bethunywe kuwena ngokwempan­de yesigodlo sabadala. Bhedlindab­a 033 5691 317/ 079 7471 911/ 072 8972 001.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa