Indlala yenza abantu bangalihloniphi idlozi lomuntu
AYIKHO into emqoka njengokuhlonipha ithongo/idlozi lomuntu. Kukhona laba bantu abahambe behlolela abantu emgwaqweni kokunye nigibele etekisini usuyezwa umuntu useyazamula ngemuva kwakho ngoba kukhona akuhogelayo kuwena. Kokunye iningi lamathwasa lithi seliphothulile uzwe libhulelwa abantu yonke indlela kokunye uzwe umuntu elisukela ethi “owakwenzela akakuthwasisanga kahle uboke uze kimina ngikwenzele kokunye ngikuse emanzini.”
Izinkulumo ezinjena zisatshengisa indlala ekhona emkhakheni wezokwelapha kwendabuko okwenza umsebenzi wabadala unganakwa futhi kwabona abelaphi bendabuko bagcine bebukelwa phansi ngakho ukuthanda ukuzigqamisa kanti abazigqamisayo yilabo okwakungafanele nokuthi bathwase kokunye sebethwasile akusangeni muntu esigodlweni. Indlela elula sekungukuhamba bezamula zonke izitaladi behlolela abantu.
Kimina lokhu wukungahloniphi umsebenzi owunikezwe abadala (uma nakhona kungukuthi unikeziwe awuvelanga wathwasa/wathwasiswa ngephutha), ngoba umuntu othwase ngempela nohlonipha umsebenzi nabanikazi bawo uyazi ukuthi kufanele ahloniphe wonke amathongo namadlozi abantu.
Baningi ababonakala befake ubuhlalu ezihlakaleni nasemaqakaleni ngokukhomba kwedlozi lakhe. Umuntu uyothi uzwa abe ebuzwa omunye: “awu uyathwasa yini? Uthwasaphi? Hhayi mina ukhona ebengingakusa kuyena akwenzele kangcono.” Kube sekuxaka-ke ukuthi kanti ukuthwasa uziyisa wena yini kukona noma ukhonjwa ngabanikazi bomsebenzi?
Akwehlukile nokuthola umuntu ethwasile kodwa umuzwe ethi isigodlo athwase kusona ngeke asisho uxakeke ukuthi kwenzenjani. Isigodlo othwase kusona awesabi ngaso uma kuyisigodlo esihlelekile futhi nogobela waso kungumuntu obhalisile zonke izinto zakhe nezesigodlo zisemthethweni. Kwawena thwasa uma kusathiwa ungasisho isigodlo umbuzo uthi kungani ngoba uthunyelwe abadala lapho ukuyolanda impande okungeyona imfihlo. Indlela yethongo neyedlozi ayifihlwa njengalokhu abaningi bayaye bafihle ukuthi bayathwasa umuntu azinyeze ngakwenzayo kanti ubizo lolu lwabadala lokuthi uyophilisa lapho uyophilisa khona.
Kunenzondo nombango omkhulu ekwelapheni kwanamhlanje kwendabuko ngoba bonke ogobela sebaba yilokhu esingathi omathengisa konke. Akusekho okwasemandulo lapho kwakukhona ukwehluka kwezigodlo ukuthi lesiya senza lo msebenzi, sigcine lapho. Kwakukhona izingedla zempande ezaziboniswa impande kuphela, ababelethisi ababengahloli, omama benyoni nezisu zabantwana, abathwasisi, abageza abantu nabalanda izidalwa zabo, abomsamo phaqa nabalungisa ukonakala kwethongo nedlozi. Namhlanje akusekho lokho, ugobela usenza konke.
Nginesibonelo esihle sikababa uZihlahlazemithi waseMlaza esimazi sonke odume ngokwelashwa kwezingane, inyoni nezithunyiso zakhe. Kuze kube yinamhlanje usalokhu emi lapho. Manje ogobela abaningi abadumile abasashiyi mlando ngemuva ngoba abazange bagxile kwabathwasiselwe khona nempande abanikezwe yona.
Ithwasa nethwasa ngisho lingaba likhulu, elikuthwaselayo akufani. Kungakho-ke uma umuntu eyothwasa etshelwa ngempande, ukuvuka ekuseni kuyogezwa, atshelwe ukuthi ayokwenza wukwelapha abantu. Akubhekwa ukuthi elakho ithongo ngabe liqonde ukuthi lithole impande lizelaphe kube kuphelile noma kukhona lapho lithi dlula ekuthwaseni kodwa nakhuya lapho siqonde khona. Lokhu kucaca bha entsheni esinobizo namhlanje. Ithi ingathwasa igcwale kothelevishini ngoba kakadeni ukuthwasa kwayo kwabe kungukuphakamisa lo muntu owabe engunontandakubukwa owayehamba elapha ngezindlela namhlanje esezidinga ithelevishini noma umsakazo. UDineo Ranaka wayichaza eyakhe indlela yobizo ohlelweni iZaziwa ngasho ngathi nangu-ke umuntu owaziyo ngobizo lwakhe. Konke-ke kucaca ezibonakalisweni nasemaphusheni ukuthi wena ubizelwe kuphi ngempela, lokhu thina bogobela esenqaba ukukwamukela uma sithwasisa.
Kungakho-ke namhlanje sinogobela abahambe bebhula emigwaqweni bezamula emabhasini nasematekisini bezibonakalisa. Uma esekutshelile ngenkinga bese ethi: “woza kimina ngizokusiza”, omunye athi: “kufanele ngikuse emanzini ngoba owakwenzela akakwenzelanga kahle”.
Konke lokhu wukungahloniphi ithongo/ idlozi lomuntu okubangwa wukubulawa yindlala nokungangeni kwabantu esigodlweni sohlanya. NANSI INDABA Ukuthwasa akukhona okokuceba kodwa okokwelapha abantu abasuke bethunywe kuwena ngokwempande yesigodlo sabadala. Bhedlindaba 033 5691 317/ 079 7471 911/ 072 8972 001.