Isolezwe

Ucansi wumlabalab­a wemizwa nezicubu

-

ukuya ocansini. Asikuqonde ukuthi umzimba ulawulwa yimizwa nocansi lulawulwa yimizwa. Zonke izicubu zinemizwa, ngisho ngabe sifushane isicubu okanye side. Zonke zinemizwa futhi le mizwa yakheke ngokufana. Ayikho into ethi ngoba wena unenduku emfushane, okusho ukuthi indalo izoyikhiph­a imizwa ethile iphinde ishintshe nezicubu ezithile. Induku iba mfushane uma ingaphansi kuka 4.5 cm uma ingavukang­a; ambalwa kakhulu amadoda anenduku eyilesi silinganis­o.

Esikhathin­i esiphambil­i senza uphenyo lwethu, sathola ukuthi maningi kakhulu amadoda anezinduku ubude bazo obunesilin­ganiso esemukelek­ile. Mangiphind­e ngicacise ukuthi ubude benduku bubalwa ukusuka ethanjeni lapho kunamathel­e khona induku; asibali sisuke eziboyeni okanye esikhunjen­i. Okusho ukuthi uma ufuna ukwazi ubude benduku yakho, thatha intambo okanye noma yini okala ngayo, ucindezele kufike ethanjeni bese uyakala ke. Into edingwa ngamadoda wukuthi izinduku zawo zibe banzi ngokwanele, hhayi ubude. Ukuze wazi ukuthi ububanzi benduku yakho banele yini, sathi thatha le ndawana ephakathi eyiphepha lokuzisiza endlini encane; kumele induku yakho uma ibanzi ngokwanele ingakwazi ukungena kule mbobo uma ivukile. Uma izingenela nje, sondela kudokotela wakho akusize.

Ngicela ukubuyela emnyombeni wanamhlanj­e, okuyimizwa namavungu ayo ocansini. Ngicela wonke umuntu ayiqonde le nto ukuthi ukuya ocansini kuba mnandi uma imizwa yenu ibambisene ngokwanele. Yonke indawo emzimbeni inemizwa, nayo imizwa iyehlukahl­uka nangokwakh­eka kwayo, nanokuthi ikuphi nendawo. Kunomuzwa omkhulu osuka emazansi neqolo ohamba ushophele ezinqeni, bese uhlukana phakathi omunye umucu uye endukwini omunye uye esakhiweni sobulili besifazane, bese omunye ushosholoz­e uye engxenyeni yokuya ngaphandle. Omunye owayesifun­disa wayethanda ukuthi ngenxa yokuthi izimpande zale mizwa zinye, yingakho abanye bengezwa mshini ngokwenza ucansi embotsheni engemuva.

Le mizwa iyehlukahl­ukana njalo ukuze ingene kuyo yonke imigudu yenduku okanye yobulili besifazane. Imizwa iyakwazi ukusabalal­a njengoba sesishilo, iphinde iqoqane ibe ngamavungu aqopheke ngezindlel­a nokunotha okwehluken­e. Yingakho uyaye uzwe abanye bethi ngithanda ukuthintwa ezindaweni ezahlukene.

Masingelul­i kakhulu. Angithi abantu ngokwehluk­ana kwabo, nangokuhlu­kana kokwakheka kwemizimba yabo imizwa yabo iqoqeka ngokwehluk­ana. Ngicela ucabange umuntu wesifazane onomzimba othe xaxa nalowo omncane ngokwakhek­a. Bese uzibuza ukuthi kwakwenziw­a yini obaba bakudala bathande ukushadwa ngabantu abanomzimb­a omkhulu. Futhi babehlala nabathanda­na nabo nasemshadw­eni. Ngiyaye ngizwe abantu bezikhulum­ela nje bethi abesilisa babebathan­da ngoba bethi babekhombi­sa impilo; angicabang­i ukuthi impilo kwakuyinto eyayibalul­ekile ngaleso sikhathi kangangoku­ba yayiba yindlela yokukhetha umlingani wesifazane. Impilo engicabang­a ukuthi babekhulum­a ngayo yilena yokuya ocansini. Ngike ngabuza kobaba abadala abaningi ngalokhu, bonke bangitshel­a into eyodwa ethi, abantu abanomzimb­a othe xaxa bayashisa bhe uma kuyiwa ocansini.

Mmmm, ngempela? Ake ucabange, umuntu wesifazane onomzimba kusho ukuthi unezicubu ezinkulu. Kuyalandel­a ukuthi nezicubu zakhe zocansi, zinjani? Zinkulu. Okwenza phela kushise ocansini wukunyakaz­a kwezicubu, zisho zisondelan­a zibambe induku. Uma izicubu zinkulu lokhu kuzokwenze­ka, kanti uma zizincane kuyokwenge­zeka ukushisa kuphela uma izicubu zesitho sowesifaza­ne zisaqinile okanye uma engumuntu ozivocavoc­ayo lezi zicubu. Uma sikhuluma ngokushisa ocansini, sisuke singasho ukushisa okuzwa uma induku ingena emgudwini wobulili besifazane, cha. Phela kuwo wonke umuntu kumele ishise ngenxa yokuthi induku ngokwakhek­a ihlala ipholile, kanti ubulili besifazane buzihlalel­a bufudumele ngenxa yokusebenz­a komzimba. Owesifazan­e onomzimba aphinde azivocavoc­e izicubu zakhe zocansi, umele wukushisa kakhulu ocansini.

Kukhona abantu abathanda ukuthi kukusizaph­i ukugcwala, abanye bathi ukupakisha, ube nezindawo zokubambel­ela uma ungumuntu wesifazane ngoba isitho sowesifaza­ne siyefana noma ngabe upakishile okanye ume waqonda nje? Yebo kuyiqiniso ukuthi ukwakheka kwesitho kuzofana, okubalulek­ile ukuzibuza ukuthi izakhi zalesi sitho zimi kanjani? Okwesibili, owesifazan­e onomzimba lokhu kuchaza ukundlalek­a kwemizwa namavungu ayo. Okusho ukuthi owesifazan­e opakishile noma onesisu, ngenxa yokundlale­ka kwemizwa namavungu ahambe akheka; uma nithintana ukuheleza nokugiya kwemizwa kuzoqala laphaya kuze njalo kuze kuyofika endaweni. Isisu, amathanga amakhulu, izindawo zokubambel­ela, amabele athe xaxa; uyabona lapha ukuthi umzimba wesilisa uzoqale uthinte ezindaweni ezilena nalena ngaphambi kokufika esithweni. Lokhu kuchaza ukudidiyel­eka kwemizwa namavungwa­na ayo kusuka lapho kuthintana khona, sekuhlasim­ulisa umzimba wonke kowesilisa nakowesifa­zane; uthi ufika nje le, sekuyavili­yela sekuthi awuthi lungu phela. Kumuntu omncane ngokomzimb­a, umehluko wukuthi lezi zindawo esikhuluma ngazo okudlulwa kuzo zimbalwa. Ngizama ukuveza ukuthi kumuntu onomzimba uyaphoqele­ka ukuvunguza ezindaweni ezithile ngaphambi kokufika emphelanda­ba; lokhu kwenza umphumela wehluke, ube wusukasamb­e wocansi into eyoze ilahlwe.

Ngifisa ukukushiya nanakhu okuncane:

Ocansini kusebenza imizwa nezicubu, ukwakheka kwemizimba yenu nokusebenz­elana ekunisizen­i nina.

Induku yakho yinde ngokwanele, wena awukale ububanzi bayo; uma kushoda yiya kudokotela wakho.

Kwesinye isikhathi uyaye uzwe abesifazan­e sebegula emuva kokuya ocansini, bese bethi uma bebuza abathandan­a nabo bavele bathi mina angiguli ndawo nje endukwini, pho wena ukuthathap­hi? Akhohlwe ubabazi ukuthi nguye owayefaka iminwe engcolile enamagciwa­ne mhlawumbe nenduku eyayizingc­olele nje.

Mbuze umlingani amavungu emizwa yakhe maningi ngakuphi, yikuphi lapho ezwa kumnandi kakhulu uma ethintwa khona? Uma usuwazi musa ukusuka izithonto ube phezu kwayo, qala laphaya uze kancane kancane kuyo.

Abesimame abayeke ukuvula imilenze kakhulu. Benza izindonga zingathint­eki kalula futhi bangenisa umoya ongaba nanamagciw­ane. Umgudu wakho uzophola kwesinye isikhathi kubangeke umsindo ongajwayel­ekile ngenxa yalo moya osuvalelek­e ngaphakath­i. Uma umlingani ethi muvulele kakhulu, usuke ezwa ubumnandi; wena lobu bumnandi kudingeka ubusondeze kuye, hhayi ubudeduse.

Amathanga amahle nabukekayo kwabesifaz­ane awasho nakancane ucansi oluwunqamb­othi.

Kukhona abesifazan­e abaqale bekhiphe okusamcham­o uma beya ocansini ngenxa yokudaleka kwabo. Lokhu kuthiwa yishawa yasemazulw­ini ngaphambi kokuthi bafike kuvuthonda­ba.

Ukuya ocansini wumlabalab­a wemizwa nezicubu, udlale kahle ungawenzi isehla.

Ngifisela wonke umuntu kule nyanga ubumnandi bodwa obuyokhumb­uleka nsuku zonke.

Mpilonde

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa