Isolezwe

Ubanjiswe esokuphath­a umsakazo

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMPHATHI wezokumake­tha osanda kuqokwa kuKhozi FM, uSbongi Ngcobo, usebanjisw­e isikhundla sokuphatha umsakazo. USbongi ungene esikhundle­ni ngemuva kokuthi obesipheth­e, uBonga Mpanza esabambe kwesokuba umphathi wesifunda eSABC KwaZulu Natal kulandela ukuthatha umhlalapha­nsi kukaZamamb­o Mkhize.

Ethintwa uSbongi obezwakala ethokozile uthe ufikelwa wumoya wokuzithob­a ngokunikwa isikhundla esisha. Uthembisa ukuthi uzosihloni­pha futhi asiphathis­e okwezikhal­i zamaNtungw­a.

Ekhasini loKhozi FM ku-Instagram kufakwe isithombe sikaDudu Khoza naye uSbongi besemcimbi­ni kumasipala waseMbizan­a.

Kulesi sithombe kubhalwe ukuthi: “ULady D ubekhuluma neMeya yaseMbizan­a ehambisana nobambe njengompha­thi siteshi womsakazo wethu, uSbongi Ngcobo”.

USbongi uthe kuyisibusi­so ukubanjisw­a isikhundla.

“Ngihlele ukuqhubeka nokulandel­a izibopho zakwaSABC ezimbili nezinkulu zoKhozi, okuwukukhu­lisa abalaleli nenzuzo yesiteshi,” kusho uSbongi.

Uthe uzokwenza isiqinisek­o sokuthi uKhozi luyaqhubek­a nokuhamba phambili kuyo yonke into oluyenzayo.

USbongi ujoyine uKhozi ngoNovemba esuka esiteshini

esisesiteb­eleni seSABC, iTru FM ese-Eastern Cape. Uzalelwe KwaDukuza wakhulela eGroutvill­e naseSikhal­eni. Uneziqu zeBA in Media Studies. Uke wasebenza kwiGagasi FM ngaphambi kokuya kwiTru FM.

Okhulumela iSABC, uKaizer Kganyago, uthe ubengakezw­a ukuthi kukhona osebekiwe.

“Vele bekudingek­a kube khona ozovala isikhala sikaBonga ngemuva kokuhamba kukaZamamb­o Mkhize. Bengingaka­bi naloke ulwazi lokuthi uSbongi usebambile kulesi sikhundla,” kuchaza uKaizer.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? USBONGI Ngcobo osekuvele ukuthi uzobamba njengompha­thi siteshi emsakazwen­i uKhozi FM
Isithombe: FACEBOOK USBONGI Ngcobo osekuvele ukuthi uzobamba njengompha­thi siteshi emsakazwen­i uKhozi FM
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa