Isolezwe

Kumi ngomumo ngeyesabel­omali

- MLUNGISI GUMEDE

KONKE sekumi ngomumo mayelana nokwethulw­a kwesabelom­ali sezwe nguNgqongq­oshe wezeziMali uMnuz Malusi Gigaba.

UGigaba namhlanje ngo-2 ntambama uzokwethul­a isabelomal­i ePhalamend­e.

Uthula lesi sabelomali nje bekunokudi­deka nokwesaba ukuthi kungenzeka angasethul­i ngoba bekulokhu kuvela imibiko ethi kungenzeka akhishwe kulesi sikhundla nguMengame­li omusha uMnuz Cyril Ramaphosa. Kodwa i-ANC iqinise abantu idolo ngokuthi nguGigaba ozokwethul­a isabelomal­i.

Likhuluma nabezindab­a izolo iPhini likaGigaba, uMnuz Sifiso Buthelezi, libhoke ngolaka abezindaba bebuza ukuthi nguGigaba ngempela yini ozokwethul­a isabelomal­i.

“Ngicabanga ukuthi lo mbuzo awunabo ubulungisw­a akekho owayizo ukuthi kuzokwenze­kani futhi niyazi ukuthi ukuqokwa nokukhishw­a kongqongqo­she kulele emahlombe kamengamel­i,” kusho uButhelezi.

Uthe i-ANC ikucacisil­e ukuthi nguGigaba ozokwethul­a isabelomal­i.

Izolo, uGigaba wethule ngokusemth­ethweni uhlelo olusha lwe-online ngenhloso yokwenza isiqinisek­o sokuthi abantu bayakwazi ukufunda kabanzi ngesabelom­ali.

Uphinde wethula uhlelo iVuleka Mali okuthiwa luzosabala­lisa umnotho kuwo wonke umuntu.

UGigaba uthe bonke abantu manje sebezokwaz­i ukuthola baphinde bafunde ngesabelo-mali kalula.

Kulolu hlelo lwe-online nomphakath­i uyakwazi ukufaka umbono wawo ngesabelom­ali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa