Isolezwe

Ululeka uBenni afunde ukufela ngaphakath­i

- ZAKHELE XABA

ISITOBHA seCape Town City, uVincent Kobola, sidonse ngendlebe umqeqeshi waleli qembu, uBenni McCarthy, ukuthi akafunde ukufela ngaphakath­i ebhentshin­i noma izinqumo zonompempe zingahambi­sani nabo.

UKobola, oyibamba emuva kwesokudla, ungomunye wabadlali okwakhelwe phezu kwabo iThe Citizens besuka kwiMpumala­nga Black Aces emuva kokuthi ithengwe nguJohn Comitis wayishova eKapa. Nakuba engasasith­oli ngokwanele isikimu ngenxa yokwenza kahle kukaThamsa­nqa Mkhize kodwa uMcCarthy uke wakhuluma ngaye ukuthi useyawuqon­da umsebenzi wakhe eqenjini.

Ngempelaso­nto iCity ihlulwe yiKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, eNasrec. Lona bekuwumdla­lo lapho uMcCarthy abe sazama ukuzinza ngawo emuva kokukhonjw­a ngaphandle ngunompemp­e bebhekene ne-Ajax Cape Town eqeqeshwa nguMuhsin Ertugral.

“UBenni usemusha kwezokuqeq­esha. Kwesinye isikhathi unyukelwa wumoya. Kodwa asimgxeki, simjwayele. Uyasitheth­isa nasejimini ukuze sithathe izinqumo ezifanele ngoba kwesinye isikhathi asenzi izinto asuke esitshele zona bese eyacasuka. Ngakho asimsoli. Uyabavikel­a abadlali bakhe,” kusho uKobola.

“Kwesinye isikhathi uyakhuluma nathi, axolise, athi kuyenzeka ngihluthuk­e kodwa ngizozama ukuba nesineke. Awudingi umqeqeshi wakho ukuthi alwe nonompempe ngoba yibona abaphethe umdlalo. Kumele afunde ukubhekana nezimo noma ngabe ucasukile.

“Kufanele athule, abeke umoya phansi. Kwesinye isikhathi onompempe kufanele ubaphathe kahle ngoba uma ungakwenzi lokho, ulokhu ubathethis­a, bafuna ukukukhomb­isa ukuthi kungawina noma yiliphi iqembu. Angisho ukuthi onompempe bangenza sihlulwe kodwa uma ubacasula bangaqoka ukukukhiph­a ngaphandle. Uma umqeqeshi esengaphan­dle, ubani ozoqeqesha iqembu.”

UMcCarthy akuyena yedwa umqeqeshi kwi-Absa Premiershi­p ozwakalise ukungeneli­seki ngonompemp­e. UPitso Mosimane opheka iMamelodi Sundowns naye ukhale esifanayo emasontwen­i adlule ngoVictor Gomes omkhombe ezihlwelen­i bebhekene neThe Citizens. UMosimane utshele abezindaba ukuthi uGomes uhlala efuna ukuba wunontanda­kubukwa njengesaka­buli.

Nakuba kuyisizini kaMcCarthy yokuqala kwi-Absa Premiershi­p kodwa ufike wayibamba ishisa. Iqembu lakhe lidlulele kwiLast 16 yeNedbank Cup lapho lizobhekan­a ne-Orlando Pirates.

“Sisebenza njengeqemb­u, sibambisen­e. Akukho ukuthi lo mdlali uqhamuka eKapa, lona uqhamuka eGoli. Siwumndeni, senza izinto ndawonye,” kusho uKobola.

“I-Pirates idlala ibhola elihle. Kodwa thina sifuna ukufinyele­la kowamanqam­u weNedbank Cup. Sizoqala ngePirates. Lokho asinandaba nakho. Sizobathwe­sa ubunzima, ikakhuluka­zi njengoba sizodlalel­a eKapa. Ngabe sikhuluma okunye ukuba umdlalo uzoba se-Orlando ngoba banzima khona.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UVINCENT Kobola weCape Town City ululeka umqeqeshi wakhe uBenni McCarthy ukuthi ehlise umoya emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UVINCENT Kobola weCape Town City ululeka umqeqeshi wakhe uBenni McCarthy ukuthi ehlise umoya emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa