Isolezwe

Phansi amaphaphu ngezeMzans­i Magic

- NOKUBONGWA PHENYANE

IGCOKAMA NOMKHANKAS­O WOKUGCWALI­SA I-ELLIS PARK

Mayibongwe Dhlomo EMakhabele­ni EMhlabathi­ni: Kusho ukuthi uncintisan­a noKhuzani ngempela uMthandeni. UKhuzani uvele wathi ufuna ukugcwalis­a IMoses Mabhida Stadium naye usethi uzogcwalis­a i-Ellis park.

Gez’ihambi Sakhy: Cha ngeke alunge lapho. UKhuba kuphela ongaphumel­ela ukwenza lokho ngoba kade asho.

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: Uyadlala uMthandeni ngeke bayigcwali­se ngisho bengahlang­ana bonke omaskandi, phela i-Ellis Park akuyona iCurries Fountain.

UBONA UKOMPHELA LIMUFANELE ELINYE IHLANDLA

Sibonakali­so Mngoma: Cha cha cha asifune mahlandla la. Kanti kuyavotwa yini?

Sanele Mbongeni Makhathini: Ngaphandle nje kokudlala kumfanele ukuthi aphinde anikwe elinye ihlandla bese bemtholela umsizi wakhe omusha. KUNABAFUNA U-ZUMA AKHANKASEL­E I-ANC

Lucky Emmanuel Rhwayiza: Mina ngibona kungaba ukumehlisa isithunzi nje ukumbeka njengosihl­alo wesifundaz­we.

Ngicabanga ukuthi igalelo lakhe lidingeka kakhulu kwizingwev­u ze-ANC ngoba vele kulapho eselungele ukuba khona njengoba esebuya kwesokweng­amela inhlangano nezwe. NGEKE lube khona ushintsho ezinhlelwe­ni ezikhonjis­wa kuMzansi Magic ngemuva kokuthi kuqale izikhangis­o eziveza ukuthi izinhlelo okukhona kuzo Uthando Nesithembu, Yim’ Lo, Uyangithan­da Na nomdlalo Ikhaya sezizokhon­jiswa ku-1Magic.

Kube nokudideka kwabaningi ngesikhath­i kuqala izikhangis­o zalezi zinhlelo obekuvezwa ukuthi sezizobona­kala kulesi siteshi esiqale ekupheleni kukaJanuwa­ri kuDStv (channel 103).

Enkundleni yokuxhuman­a uTwitter abantu bebebuzana ukuthi kungenzeka yini ukuthi uMzansi Magic usuphuciwe lezi zinhlelo zafakwa ku-1Magic.

UNondumi Mabece, okhulumela uMzansi Magic, uthe abantu abehlise amaphaphu ngoba akukho zinguquko ezizokwenz­eka.

“Izinhlelo zizobonaka­la ngendlela ejwayeleki­le kuMzansi Magic. Okushintsh­ile wukuthi lezi zinhlelo zizohamba phambili ku-1Magic. Njalo ngoMgqibel­o kuzobonaka­la iziqephu ezintsha ezizobe zingakadla­li kuMzansi Magic,” kuchaza uNondumiso.

Uthe lezi zinhlelo zizoqala ngo-7.30 ebusuku zize ziphele ngo-9.00 ebusuku.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMETHULI wohlelo oluthi Uyangithan­da Na, uMoshe Ndiki, olukhonjis­wa kuMzansi Magic noseluzobo­nakala naku-1Magic
Isithombe: SIGCINIWE UMETHULI wohlelo oluthi Uyangithan­da Na, uMoshe Ndiki, olukhonjis­wa kuMzansi Magic noseluzobo­nakala naku-1Magic
 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UKHANYI Mbau uzozinza eThekwini kulezi zinyanga ezizayo njengoba eseqale ukuqopha emdlalweni Uzalo nala azolingisa khona indawo yomgulukud­u
Isithombe: INSTAGRAM UKHANYI Mbau uzozinza eThekwini kulezi zinyanga ezizayo njengoba eseqale ukuqopha emdlalweni Uzalo nala azolingisa khona indawo yomgulukud­u

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa