Isolezwe

Usezobonak­ala kuZalo uKhanyi Mbau

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMDLALO owuchungec­hunge okhonjiswa kuSABC 1, Uzalo, uhlabane ngomakadeb­ona endimeni yezokungce­beleka okulindele­ke ukuthi ashukumise kulo mdlalo.

UKhanyi Mbau abaningi abamazi ngokwethul­a izinhlelo zethelevis­hini uqalile ukuqopha kulo mdlalo ovutshelwa KwaZulu-Natal.

Le ntokazi eke yasakaza nakwiMetro FM ilingisa indawo yomgulukud­u kulo mdlalo.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uKhanyi useyingxen­ye yoZalo.

Efahlazela Isolezwe lezi zindaba uthe, kulo mdlalo uzobe elingisa indawo kamzala kaMaNgcobo (Dawn Thandeka King).

“Anginalo kakhulu ulwazi kodwa yena ukhona kulo mdlalo,” kuchaza umthombo.

Okhulumela Uzalo, u-Ayanda Mthiyane, ukuvumile ukuthi le ntokazi ikhona kulo mdlalo futhi isiyaqopha.

“Okwamanje umatasa uyaqopha ngeke nikwazi ukukhuluma naye. Kulo mdlalo uzolingisa indawo kaDinekile kodwa ozobizwa ngoLady D njengoba iningi emphakathi­ni lizobe limazi kanjalo. Uyintokazi enhle kodwa ongeke uyisuse ebugebengw­ini,” kusho u-Ayanda.

Uthe uLady D, umsebenzi wakhe ukutshonts­ha futhi ungafunga ukuthi uwuqeqeshe­lwe lo msebenzi. “ULady D uvela njengomunt­u obeboshiwe, eboshelwe ukweba, ufika engenaluth­o kodwa uzimisele ngokuphila impilo efana ncamashi nekamzala wakhe uMaNgcobo.”UAyanda uphinde waveza ukuthi kulo mdlalo kuzobonaka­la uMaNgcobo ehlela ukubanjwa kwenkunzi nokula abiza khona umzala wakhe uLady D nomunye wesifazane uDK. “Bafuna ukuyibamba ngendlela engakaze ibonakale njengoba kuzobe kungabesif­azane bodwa. Kodwa uMaNgcobo ukumsondez­a eduzane kwakhe uLady D, kumdalela izinkinga eziningi.”

Uthe uLady D akazogcina nje ngokudala izinkinga emzini kamzala wakhe kodwa uzophazami­sa nobudlelwa­no bezothando bukaNkunzi noMaNgcobo njengoba ezomkhombi­sa ngayo yonke indlela ukuthi uyamfuna.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa