Usezobonakala kuZalo uKhanyi Mbau
UMDLALO owuchungechunge okhonjiswa kuSABC 1, Uzalo, uhlabane ngomakadebona endimeni yezokungcebeleka okulindeleke ukuthi ashukumise kulo mdlalo.
UKhanyi Mbau abaningi abamazi ngokwethula izinhlelo zethelevishini uqalile ukuqopha kulo mdlalo ovutshelwa KwaZulu-Natal.
Le ntokazi eke yasakaza nakwiMetro FM ilingisa indawo yomgulukudu kulo mdlalo.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uKhanyi useyingxenye yoZalo.
Efahlazela Isolezwe lezi zindaba uthe, kulo mdlalo uzobe elingisa indawo kamzala kaMaNgcobo (Dawn Thandeka King).
“Anginalo kakhulu ulwazi kodwa yena ukhona kulo mdlalo,” kuchaza umthombo.
Okhulumela Uzalo, u-Ayanda Mthiyane, ukuvumile ukuthi le ntokazi ikhona kulo mdlalo futhi isiyaqopha.
“Okwamanje umatasa uyaqopha ngeke nikwazi ukukhuluma naye. Kulo mdlalo uzolingisa indawo kaDinekile kodwa ozobizwa ngoLady D njengoba iningi emphakathini lizobe limazi kanjalo. Uyintokazi enhle kodwa ongeke uyisuse ebugebengwini,” kusho u-Ayanda.
Uthe uLady D, umsebenzi wakhe ukutshontsha futhi ungafunga ukuthi uwuqeqeshelwe lo msebenzi. “ULady D uvela njengomuntu obeboshiwe, eboshelwe ukweba, ufika engenalutho kodwa uzimisele ngokuphila impilo efana ncamashi nekamzala wakhe uMaNgcobo.”UAyanda uphinde waveza ukuthi kulo mdlalo kuzobonakala uMaNgcobo ehlela ukubanjwa kwenkunzi nokula abiza khona umzala wakhe uLady D nomunye wesifazane uDK. “Bafuna ukuyibamba ngendlela engakaze ibonakale njengoba kuzobe kungabesifazane bodwa. Kodwa uMaNgcobo ukumsondeza eduzane kwakhe uLady D, kumdalela izinkinga eziningi.”
Uthe uLady D akazogcina nje ngokudala izinkinga emzini kamzala wakhe kodwa uzophazamisa nobudlelwano bezothando bukaNkunzi noMaNgcobo njengoba ezomkhombisa ngayo yonke indlela ukuthi uyamfuna.