Isolezwe

Samukelwe isabelomal­i

- BONISWA MOHALE noMHLENGI SHANGASE

SAMUKELWE noma kungekho okusha isabelomal­i sikaR1.67 trillion esethulwe nguNgqongq­oshe wezeziMali, uMnuz Malusi Gigaba ePhalamend­e eKapa, izolo. UGigaba, ethula lesi sabelomali ubelokhu egcizelela ukuthi usithula ngesikhath­i esinzima kodwa sinikeza ithemba. Uzwakalise ukukhathaz­eka ngokunyuka kwemali ekweletwa yizwe. Izwe lizokhokha uR180.1 billion wezikwelet­u. Uthe eminyakeni emithathu ezayo isikweletu sizofinyel­ela kuR2.5 trillion. Abahlaziyi bezomnotho bathe akukho okumangali­sayo ngalesi sabelo. USolwazi Bonke Dumisa uthe akukho okumangali­sayo ngesabelo sikaGigaba ngaphandle kokuthi uhlwaye imali yemfundo yamahhala enguR57 billion kodwa okunye akhulume ngakho bekulindel­ekile. UMnuz Tertius Troost oyisazi sentela enkampanin­i iMazars, uthe akukho okusha okushiwo wuGigaba ngoba vele kufanele anyuse intela ekhokhwa ngabaseben­zi, ekagwayi, ekaphethro­li neyempahla iVAT. Uthe lezi zintela zizongenis­a imali ecela kuR36 billion ezosiza ukuphesha u-R50.8 billion oshodayo esikhwamen­i sezwe. UNksz Melanie Veness, oyisikhulu esiphezulu sePieterma­ritzburg Chamber of Business (PCB) uthe umthwalo uwubeke kubakhokhi bentela njengoba kunyuswe intela, ukuzama ukungenisa imali esikhwamen­i sezwe. Uthe okuhle wukuthi izobuyisel­a isimo kwesijwaye­lekile ezinkampan­ini zikahulume­ni ezihlale zidinga ukutakulwa. “Ukunyuswa kweVAT kubuhlungu kosomabhiz­inisi nakubantu bonke kanti nokunyuswa kwentela kaphethrol­i kuzonyusa imali yokugibela kubantu ngoba osomatekis­i bazodlulis­ela izindleko kubagibeli. Kukho konke lokhu sijabulela ukuthi kunesikhwa­ma esizofukul­a osomabhizi­nisi abancane,” kusho uNksz Veness. UMengameli weDurban Chamber of Commerce and Industry, uMnuz Musa Makhunga, uthe isabelomal­i sibuyisa ithemba njengoba sizolwa nenkohlaka­lo nokuxhasha­zwa ngesikhath­i. emisebenzi. kwemali ezinkampan­ini zikahulume­ni. Uthe bayakujabu­lela nokuthi uhulumeni uzosebenzi­sana nezinkampa­ni ezincane athenge kuzo, aqinisekis­e ukuthi zikhokhelw­a UGigaba uthe isikweletu sikahulume­ni siphezulu. “Izinto zithuthuki­le uma uqhathanis­a nesabelo esasithula ngonyaka odlule. Sikwazile ukuqoqa imali engaphezul­u kukaR2 billion kwintela,” kusho uGigaba. Uthe ukungasebe­nzi kwabantu kume ku-26.7% kunesikhwa­ma esizoxhasw­a ngoR18.8 billion ukusiza osozimboni ukwakha amathuba Uveze nokuthi uhulumeni usebenzisa­na nezinhlang­ano zezimali ukwakha isikhwama esizosiza osomabhizi­nisi abamnyama ukuthola imisebenzi emikhulu. Lesi

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa