‘Kuzolimaza abahlwempu ukunyuka kwe-VAT’
ISAZI somnotho nezomthetho, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe ukunyuswa kwentela ekhokhwa uma uthenga impahla, i-Value Added Tax (VAT), kuzoshaya wonke umuntu kodwa bekufanele ungqongqoshe yenyuse.
Izolo uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Malusi Gigaba, unyuse i-VAT ngo-1% yasuka ku-14% yaya ku-15%.
Uveze ukuthi sekuphele iminyaka engu-25 i-VAT imi ku-14% njengoba yagcina ukunyuswa ngo-1993.
UDumisa uthe uGigaba bekufanele ayinyuse iVAT ngoba iyimali okunesiqiniseko sokuthi izongena esikhwameni sikahulumeni akufani nokuthi anyuse intela ekhokhwa abasebenzi ngoba ayinasiqiniseko ngoba abantu abaningi abasebenzi futhi uma bedilizwa kusho ukuthi uhulumeni akayitholi intela yabo.
UGigaba uthe abampofu bazovikeleka ngokunyuswa kweVAT kwazise impuphu, irayisi nesinkwa esi-brown nokunye ukudla okuyisidingongqangi ngeke kunyuke.
UDumisa uthe yize kunjalo kodwa lokhu akusho ukuthi abampofu ngeke bayithenge inyama, izingubo zokugqoka nokunye abakudingayo ukuze baphile.
Nge-VAT nezinye izintela izwe lizongenelwa wuR36 billion esikhwameni salo ukukhokhela izidingo nesikweletu esiyela kuR2.5 trillion.
Ebuzwa ukuthi ngabe ukunyuka kwe-VAT kuzoba namuphi umthelela uma i-ANC isikhankasela ukhetho ngonyaka ozayo, uthe ngeke ube mubi ngoba imenyezelwe kulo nyaka, okusho ukuthi osomathuba ngeke bakwazi ukuyisebenzisa.
UNkk Julie Smith wenhlangano iPietermaritzburg Agency for Community Social Action (Pacsa), uthe ucwaningo lwabo luveza ukuthi ubhasikidi wokudla womndeni wabantu abayisikhombisa ubiza uR3 115.07 okusho ukuthi ngeke abampofu bavikeleke noma uGigaba ethi i-VAT ngeke ibashaye.
Isikhulu esiphezulu esisabambile kwiRoad Accident Fund, uNkk Lindelwa Jabavu, sithe intela kaphethroli izongenisa u-R7 billion kulesi sikhwama ozosiza abantu abalimele ezingozini zomgwaqo nemindeni yabo.
UGWAYI NOTSHWALA KUNYUKILE
Ugwayi unyuke ngo-8.5%, iphakethe le 20 selizobiza uR15.52cents
Isigazu sinyuke ngo-R6.45 kanti ugwayi wenqawe uzonyuka ngoR1.37. Ikani likabhiya linyuke ngo-15 cents Ama-cider nezinye iziphuzo ezinotshwala obuncane zinyuke ngo10%. Utshwala besintu abunyukanga. Iwayini lizonyuka ngo-23 cents ilitha no-28cents.
Iwayini elihlohlozelayo linyuke ngo73 cents ibhodlela.
Ibhodlela likagologo liznyuke laya kuR190.08 lisuka kuR175.19
Uphethroli uzonyuka ngo-52 cents ilitha, u-22 cents okaphethroli bese u-30 cents kube ngowe-Road Accident Fund.
Abathenga imizi ebiza uR30 million kuya phezulu bazokhokha intela ephakathi kuka-20 no-25%.