Injabulo kunyuka impesheni
ZIKUFANISE nebhonasi ukunyuka kwemali yempesheni izaguga, ezithe kuzokwenza omkhulu umehluko.
Lezi zaguga ezihola impesheni yabadala, beziphawula ngesabelomali esethulwe izolo nguNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Malusi Gigaba esizoqala ukusebenza ngo-Ephreli 1. Imali yempesheni yabadala, eyezintandane neyokugula yenyuke ngoR90 isuka kuR1 600. UGigaba umemezele ukuthi le mpesheni izophinde yenyuke ngoR10 ngoOkthoba 1, okuzokwenza eyabadala neyokukhubazeka igcine inguR1 700.
UNkk Roseth Mthembu (90) waKwaMashu, uthe bayabonga kuhulumeni ngokunyusa le mpesheni, athe isiphenduke umondli wezintandane.
“Siyabonga ngoba le mali sekuyiyona edliwa ishisa ngoba iwumondli wezintandane emakhaya. Okubi wukuthi yonke iphelela ebhodweni ngoba amanani okudla ayaqhubeka ayenyuka ezitolo. Nokho akufani, izowenza umehluko,” kusho uNkk Mthembu.
UNksz Khalathi Simelane (65) waseMlaza, uthe ubengalindele ukuthi izokwenyuka kangaka imali yempesheni. Uthe ukwenyuka kwayo kabili ngonyaka kufana nebhonasi. UNksz Simelane ohlala yedwa emqashweni, uthe uthenga ukudla kukaR800 ngenyanga, akhokhe irenti kaR450 bese eholela nomakhelwane omsizayo njengoba engakwazi ukuziwashela. Ohola impesheni yokukhubazeka uNksz Nonkazimulo Mthembu waseManguzi, ushayelwe ucingo evule umsakazo elalele uGigaba.
“Ngisamangele ngoba bengilindele ukuthi izokwenyuka ngoR20. Uhulumeni usicabangele kakhulu ngoba le mali senza okuningi ngayo. Ngabe ngiyanyaza uma ngikhononda ngalesi sabelomali,” kusho yena.
Imali yesondlo sezingane inyuke ngoR20 isuka kuR380 njengokujwayelekile kanti ngoOkthoba kuzofakwa kuyo uchatha kaR10.