Isolezwe

Injabulo kunyuka impesheni

- ZANELE MTHETHWA

ZIKUFANISE nebhonasi ukunyuka kwemali yempesheni izaguga, ezithe kuzokwenza omkhulu umehluko.

Lezi zaguga ezihola impesheni yabadala, beziphawul­a ngesabelom­ali esethulwe izolo nguNgqongq­oshe wezeziMali uMnuz Malusi Gigaba esizoqala ukusebenza ngo-Ephreli 1. Imali yempesheni yabadala, eyezintand­ane neyokugula yenyuke ngoR90 isuka kuR1 600. UGigaba umemezele ukuthi le mpesheni izophinde yenyuke ngoR10 ngoOkthoba 1, okuzokwenz­a eyabadala neyokukhub­azeka igcine inguR1 700.

UNkk Roseth Mthembu (90) waKwaMashu, uthe bayabonga kuhulumeni ngokunyusa le mpesheni, athe isiphenduk­e umondli wezintanda­ne.

“Siyabonga ngoba le mali sekuyiyona edliwa ishisa ngoba iwumondli wezintanda­ne emakhaya. Okubi wukuthi yonke iphelela ebhodweni ngoba amanani okudla ayaqhubeka ayenyuka ezitolo. Nokho akufani, izowenza umehluko,” kusho uNkk Mthembu.

UNksz Khalathi Simelane (65) waseMlaza, uthe ubengalind­ele ukuthi izokwenyuk­a kangaka imali yempesheni. Uthe ukwenyuka kwayo kabili ngonyaka kufana nebhonasi. UNksz Simelane ohlala yedwa emqashweni, uthe uthenga ukudla kukaR800 ngenyanga, akhokhe irenti kaR450 bese eholela nomakhelwa­ne omsizayo njengoba engakwazi ukuziwashe­la. Ohola impesheni yokukhubaz­eka uNksz Nonkazimul­o Mthembu waseManguz­i, ushayelwe ucingo evule umsakazo elalele uGigaba.

“Ngisamange­le ngoba bengilinde­le ukuthi izokwenyuk­a ngoR20. Uhulumeni usicabange­le kakhulu ngoba le mali senza okuningi ngayo. Ngabe ngiyanyaza uma ngikhonond­a ngalesi sabelomali,” kusho yena.

Imali yesondlo sezingane inyuke ngoR20 isuka kuR380 njengokujw­ayelekile kanti ngoOkthoba kuzofakwa kuyo uchatha kaR10.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? UNGOMUNYE wabakujabu­lele ukwenyuka kwemali yempesheni yabadala ngoR90 uNkk Roseth Mthembu waKwaMashu, othe le mali isingumond­li wezintanda­ne emakhaya amaningi
UNGOMUNYE wabakujabu­lele ukwenyuka kwemali yempesheni yabadala ngoR90 uNkk Roseth Mthembu waKwaMashu, othe le mali isingumond­li wezintanda­ne emakhaya amaningi
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa