Isolezwe

Isikhalo sikaGigaba ngeyabakuh­ulumeni

- SIYABONGA MKHWANAZI, MHLENGI SHANGASE noMLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOS­HE wezezimali uMnuz Malusi Gigaba usexwayise ngokuthi ukunyuka kwemali ekhokhelwa izisebenzi zikahulume­ni kufaka ingcindezi esabelweni sezimali.

UGigaba umemezele izolo ethula isabelomal­i salo nyaka ePhalamend­e ukuthi imali ekhokhelwa abasebenzi inyuke isuka ku-R437 billion ngo-2014 yafinyelel­a ku-R587 billion kulo nyaka wezimali.

Uthe imali ekhokhelwa abasebenzi izonyuka ngo-7.3% eminyakeni emithathu ezayo okuzofaka enkulu ingcindezi esabelweni sezimali.

Izingxoxo zamaholo nezinyunya­na zingaba nomthelela esabelweni sezimali.

Umqulu, iBudget Review, uveze ukuthi imali ekhokhelwa abasebenzi izonyuka ifinyelele ku-R677 billion eminyakeni emithathu ezayo. Uthe uhulumeni uchitha cishe u-35% wesabeloma­li ekukhokhel­eni abasebenzi bakhe.

UGigaba uthe kudingeka kunqandwe lokhu.

“Kudingeka uhulumeni anqande ukwenyuka kwemali ekhokhelwa abasebenzi. Uhulumeni usebenza kanzima ukuqinisek­isa ukuthi izingxoxo zamaholo ziba sezingeni kungabi nabazokhal­a. Lolu hlelo ludinga ukuthi kube nokubambis­ana kuzona zonke izinhlaka,” kusho uGigaba.

Okhulumela iCosatu, uMnuz Sizwe Pamla, uthe uhulumeni usuvele wehlise ekuqashwen­i kwabaseben­zi ngo-3% eminyakeni emibili edlule wathi othisha nabahlengi­kazi yibona abashayeka kakhulu.

Uthe buyanyuka ubugebengu kodwa kwehliswa isibalo samaphoyis­a.

“Othisha babhekene nesibalo esikhulu sabafundi emakilasin­i njengoba befundisa abangu-60 kuya ku-100. Uhulumeni ufuna ukugqilaza abasebenzi kodwa kuyanyuka ukusetshen­ziswa kwemali osopolitik­i futhi ziyavalwa nezikhala eziphezulu kuhulumeni nasezinkam­panini ezingaphan­si kukahulume­ni,” kusho uPamla.

UPamla uthe uhulumeni uyaqhubeka nokungaziv­ali izikhala ezibalulek­ile kodwa eminye iminyango kahulumeni njengowezo­budlelwano namazwe angaphandl­e uhlela ukusebenzi­sa u-R2 billion ukulungisa izindlu zamanxusa.

Khonamanja­lo uhlelo lokuhlinze­ka umphakathi ngezempilo iNational Health Insurance (NHI) lugixabezw­e ngoR4.2 billion kwisabelom­ali sezwe.

Lolu hlelo luhlose ukusiza wonke umuntu ngezempilo ngisho noma ngabe kuthiwa akanamali.

UGigaba uthe iningi labantu lisashona ngenxa yezinga eliphansi lokuhlinze­kwa ngezempilo

“Kusukela ngo-1994 uhulumeni wakuleli ezama ngayo yonke indlela ukwenza isiqinisek­o sokuthi abantu bayaluthol­a usizo lwezempilo,” kusho uGigaba.

Uthe iNHI izosiza ihlenge impilo yabantu abaningi abagcina beshone kungafanel­e.

UMnuz Simon Mathe, onguNobhal­a Jikelele weSamwu, uthe bayakujabu­lela ukuxhaswa kweNHI ngoba kusho ukuthi abampofu bazokwazi ukuthola usizo lwezempilo.

Uthe kufanele kucaciswe ukuthi iqala nini ukusebenza nokuthi ama-medical aid azosebenza kanjani uma sekukhona iNHI.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa