Isolezwe

Izophendul­wa imifundaze eyeNSFAS

- MHLENGI SHANGASE

UNDABAMLON­YENI wemfundo yamahhala emanyuvesi nasemakoli­shi amakhono yabelwe u-R57 billion eminyakeni emithathu ezayo.

Ibibhekwe ngabomvu inkulumo kaNgqongqo­she wezimali uMnuz Malusi Gigaba ikakhulu indaba yokuxhaswa kwale mfundo emenyezelw­e ngowayengu­mengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngoDisemba nyakenye.

UGigaba uthe ezemfundo yizona uhulumeni azixhasa ngemali njengoba ezotshala le mali emfundweni yamahhala emanyuvesi nasemakoli­shi.

“Abafundi abenza unyaka wokuqala ngo-2018, abazali babo abahola ngaphansi kuka-R350 000 ngonyaka bazofunda mahhala emanyuvesi nasemakoli­shi. Le mfundo izofakwa kwabanye abafundi abenza eminye iminyaka ngeminyaka elandelayo baze baqede ukufunda,” kusho uGigaba.

Uthe abafundi abebexhasw­a yisikhwama sezimali, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) imali abebeyibol­eka izophendul­wa yenziwe umfundaze.

“Igxathu elibalulek­ile leli ukuze kuqedwe indlala nokushoda kwemiseben­zi entsheni. Izibalo ziveza ukuthi ziphansi ezokuqashw­a kwabafundi abaneziqu.”

Uthe imfundo ephakeme bafuna ifinyelele kubafundi abahlwempu.

Abafundi bazoxhaswa ngemali yokufunda, ukuthenga izincwadi, ukudla, imali yokugibela nendawo yokuhlala.

UGigaba uthe izonyuka imali enikwa amanyuvesi ifinyelele ku-R11.3 billion eminyakeni emithathu ezayo ukuze ixhase abafundi abanyuselw­e imali yokufunda ngo-8% ngoba abazali babo behola kusuka ku-R350 000 kuya ku-R600 000 ngonyaka.

Imfundo yasemazing­eni aphansi uGigaba uyabele u-R231 billion kulo nyaka wezimali.

Ukuphuculw­a kwengqalas­izinda ezikoleni kwabelwe u-R31.7 billion ukuze kwakhiwe izikole, kuthuthuki­swe ezikhona bese kufakwa nefenisha.

Uthe le mali izosiza ukulungisa izikole ezingu-82 ezingekho esimeni sokufundel­a, kufakwe amanzi kwezingu-325 kufakwe izindlu zangasese kwezingu-286.

“Abafundi abangu-9 million bazoqhubek­a nokuthola ukudla ezikoleni ezingu-19 800 nsuku zonke ngokohlelo iNational School Nutrition Programme olwabelwe u-R21.7billion. Uhlelo lomfundaze wabafundi abenza iziqu zobuthishe­la abafundisw­a umfundaze iFunza Lushaka lwabelwe u-R3.7 billion kanti luzohlomul­isa abafundi abangu-39 000.”

Uthe lolu hlelo luzogxila kubafundi abenza i-maths, isayensi nezobuchwe­pheshe. Uthe u-R15.3billion uzobekelwa ukuhlinzek­a othisha nabafundi ngezinsiza kufundisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa