Isolezwe

Uhulumeni ubeke u-R6 billion wesomiso

- MLUNGISI GUMEDE

UHULUMENI ubeke eceleni u-R6 billion wokulwa nesomiso esihlalise lubhojozi izakhamuzi.

Ethula isabelomal­i sakhe izolo, uNgqongqos­he weziMali, uMnuz Malusi Gigaba, uthe imali izosiza ukubhekana nezinselel­o ezidalwa wukuntulek­a kwamanzi, iphinde ithuthukis­e nengqalasi­zinda.

“Ukugadla kwesomiso kuphazamis­a izindawo eziningi ezweni, kuphinde kulethe izinkinga ekuhanjisw­eni kwamanzi kubantu abalingani­selwa ku-4 million eCape Town,” kusho uGigaba.

Uthe amanye amadolobha amancane eNorthen Cape naseEaster­n Cape nawo abhekene nengwadla yokushoda kwamanzi.

“INingizimu Afrika ibhekene nenkinga yokushoda kwamanzi kanti nendlela okuguquka ngayo isimo sezulu kwenza ukuthi ibe ncane imvula eba khona,” kusho uGigaba.

Uhulumeni kazwelonke uzoqhubeka nokusebenz­isana nomasipala ngenhloso yokuzama ukulawula isimo sokuntulek­a kwamanzi.

“Uhulumeni uhlala ekulungele ukunikeza usizo uma kunesiding­o,” kusho uGigaba.

UGigaba uphinde waveza ukuthi bakhathaze­kile ngokulahle­ka kwamathuba omsebenzi kwezolimo ngenxa yesomiso esikhona

“Lokho kwenza sizame ezinye izindlela zokwenza isiqinisek­o sokuthi amanzi awantuleki emapulazin­i,” kusho uGigaba.

Uthe bazosiza ngemali izinhlelo zokuthuthu­kiswa kwengqalas­izinda yamanzi.

“Phezu kwesabelom­ali esisibekel­e ukulwa nesomiso, sizophinde sinike izifundazw­e nomasipala u-R473 million,” kusho uGigaba.

Umthamo wamadamu amaningi amakhulu, ikakhuluka­zi KwaZuluNat­al, wehlile ngenxa yesomiso esikhona.

Omasipala abaningi baqale uhlelo lokunciphi­sa ukusetshen­ziswa kwamanzi yizakhamuz­i; kwezinye izindawo avalwa ebusuku aze avulwe emini.

Uhlelo lokuvala amanzi ebusuku ngesikhath­i abantu belele lubonakala luthela izithelo.

ECape Town isimo khona simanzonzo ngangokuth­i umkhandlu wakhona ungase uphelelwe ngamanzi.

Isimo kasikabi sibi ngaleyo ndlela eThekwini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa