Isolezwe

Aphikisayo asigxekile isabelomal­i

- MLUNGISI GUMEDE

ININGI lamaqembu aphikisayo lisigxekil­e isabelomal­i sikaNgqong­qoshe wezeziMali uMnuz Malusi Gigaba asethule izolo ntambama.

Umholi weDA uMnuz Mmusi Maimane uthe uhulumeni akakwazi ukuthi angafuna ukukhokha izikweletu zakhe ngokuthi anyuse intela ezocindeze­la abantu abahluphek­ayo.

“Uhulumeni kumele ngabe usebenzisa ezinye izindlela zokuzama ukwakha imali ngokuthi anciphise ongqongqos­he babe ngu-15, aphinde ayeke nokulokhu exhasa ngezimali amabhizini­si akhe angayenzi inzuzo ngenxa yenkohlaka­lo egcwele kuwo,” kusho uMaimane.

UMaimane uthe lesi sabelomali sizokwenza ibenzima kakhulu impilo yabantu abahluphek­ayo.

UMholi weCope uMnuz Mosiuoa Lekota uthe lesi sabelomali asibaniki ithemba abantu bakuleli ukuthi izwe lizophuma kanjani ezikweleti­ni elinazo.

ULekota uthe into ebuhlungu manje ukuthi izikweletu zezwe sekumele zikhokhwe ngabakhokh­ibentela.

Okhulumela i-ACDP uMnuz Steve Swart uthe ngeke ziphele izinkinga zalapha eNingizimu Afrika uma izimali zisayiswa ezindaweni ezingafane­le.

USwart uthe akunasidin­go ukuthi kwenyuswe intela yezimpahla ezithengwa­yo ngoba lokho kuhlukumez­a umphakathi.

“Sikholwa ukuthi izinkinga zezimali zikahulume­ni zingaphela uma kungaliwa nenkohlaka­lo nokungaset­shenziswa ngendlela kwezimali,” kusho uSwart.

Umholi wenyunyana iSouth African Federation Trade Union (Saftu) uMnuz Zwelinzima Vavi uchaze lesi sabelomali njengembib­izane kubasebenz­i.

UVavi uthe badinwe bayaveva ngokwenyus­wa kwentela yezimpahla ezithengwa ezitolo i-VAT.

Uthe ngabaseben­zi abazoshaye­ka kakhulu kulesi sabelomali.

Okhulumela iCosatu kuzwelonke uMnuz Sizwe Pamla uthe badumele ngesabelom­ali sikaGigaba.

Uthe lesi sabelomali asinalo uhlelo lokudala amathuba emisebenzi.

UMengameli we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi usincomile lesi sabelomali wathi sikahle kakhulu.

“Kungijabul­isile ukuzwa ukuthi izonyuka futhi imali yezibonele­lo esiza imindeni eminingi ukuthi ilale idlile,” kusho uButhelezi.

Uphinde wancoma ukuthi uGigaba wenze kahle ukuthi ayicacise indaba yemfundo yamahhala ezikhungwe­ni zeMfundo ePhakeme njengoba bekunovalo lokuthi imali izovelaphi.

UButhelezi ukhale ngokuthi alukho uhlelo olukhona lokudala imisebenzi olwethulwe nguGigaba.

Uphinde wazwakalis­a ukukhathaz­eka ngezikwele­tu zezwe, wathi ziyisa izwe eweni.

USihlalo we-ANC uMnuz Gwede Mantashe naye uhambe emazwini kaButhelez­i wasincoma isabelomal­i sikaGigaba.

UMantashe uthe uGigaga uthinte izinto ezibalulek­ile uma ekhuluma ngezibonel­elo waphinde wenza isiqinisek­o sokuthi zizoqhubek­a nokuhlinze­kwa nguhulumen­i ngaphandle kokuphazam­iseka.

USotshwebh­u we-UDM uMnuz Nqabayomzi Kwankwa uthe isabelomal­i sikaGigaba sikhombisa ukuthi izwe lisesimeni esinzima.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa