Ubuchwepheshe obuzosiza umphakathi
KUFAKWA ubuchwepheshe embuthweni wamaphoyisa kuleli ukuze umphakathi wazi ukuthi amacala owavulayo asekusiphi isigaba.
Ubuchwepheshe buzosiza ekutheni ovule icala azi uma seliya enkantolo, azi noma sekuphume isigwebo.
Lokhu kungenxa yokukhala komphakathi ngokuthi kwesinye isikhathi ugcina ungasazi ukuthi icala lingena nini enkantolo ngoba amaphoyisa awabazisi.
Lena ngenye yezinto ezivezwe nguMajor General Pitso Ramatsoele wamaphoyisa kuzwelonke obefakaza kwikhomishini kaMoerane ephenya ngokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
URamatsoele uthe sebeqalile ukwazisa abantu abasuke bevule amacala ukuthi ngubani umphenyi wecala.
“Kumanje simatasa nobuchwepheshe bokuthi umphakathi uhlale wazi ukuthi kwenzekani ngamacala. Sifuna umuntu azi uma icala seliya enkantolo, uma seliqaliwe ukuqulwa noma uma sekuphume isinqumo. Siyazi ngezikhalo zomphakathi zokuthi awaziswa lutho ngokuqhubeka kwamacala. Abanye bakhala ngokuthi baze bezwe sekwadlula isikhathi ukuthi icala lahoxiswa noma lamthetha owayesolwa.”
Uthe amacala awaphenywa ngokuthi umuntu ukusiphi isigaba kodwa linikwa umuntu onamava.
“Ngenxa yokushoda kwezikhala, uthola ukuthi umuntu ungu-Constable noma nguWarrant Officer iminyaka eyevile kwewu-10. Abantu baye bakhale ngokuthi amacala abo aphenywa ngabantu abango-Warrant Officer noma oContable. Icala linikwa umuntu onamava kungakhathalekile isigaba sakhe ngoba uthola ukuthi unguWarrant Officer impela kodwa unamava. Yingakho uthola ukuthi amanye amacala aphenywa ngabantu okuthiwa basemazingeni aphansi ngoba omunye usuke enamava eminyaka eminingi kodwa ngenxa yokuthi azikho izikhala umthole ehleli endaweni eyodwa,” kuqhuba uRamatsoele.
Ohola ubufakazi kwikhomishini, u-Advocate Bheki Manyathi, uthe ofakazi abebefakaza bakhalile ngokuthi amanye amacala anzima aphenywa ngamaphoyisa afikayo ebuphoyiseni.
Ubalule nokuthi kunesikhalo ngokuthi luhamba kancane uhlelo lokubuya kwemiphumela yokuhlolwa kwezidumbu ikakhulu uma kuthinta indaba kashevu.
URamatsoele uvumile ukuthi kuhamba kancane ukubuyiswa kwemiphumela ikakhulu uma kunezinto ezithinta ushevu emzimbeni ngoba okunye ukuhlolwa bakwenza ngokusebenzisana nomnyango wezempilo.
Kube nesikhalo emndenini wekhansela laseMzimkhulu elabulawa nyakenye, uMnuz Sindiso Magaqa, ukuthi ubusalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sakhe okwenziwa ePitoli.
Ubalule nokuthi kwamanye amacala, okubalwa kuwo ukuthunaza isithunzi somuntu namanye athinta ukushaya, uthola ukuthi achithwa ngumshushisi angafiki nasenkantolo wathi yingakho uthola ukuthi amanye agcina engafinyeleli enkantolo.