Isolezwe

Ubuchwephe­she obuzosiza umphakathi

- MHLENGI SHANGASE

KUFAKWA ubuchwephe­she embuthweni wamaphoyis­a kuleli ukuze umphakathi wazi ukuthi amacala owavulayo asekusiphi isigaba.

Ubuchwephe­she buzosiza ekutheni ovule icala azi uma seliya enkantolo, azi noma sekuphume isigwebo.

Lokhu kungenxa yokukhala komphakath­i ngokuthi kwesinye isikhathi ugcina ungasazi ukuthi icala lingena nini enkantolo ngoba amaphoyisa awabazisi.

Lena ngenye yezinto ezivezwe nguMajor General Pitso Ramatsoele wamaphoyis­a kuzwelonke obefakaza kwikhomish­ini kaMoerane ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki KwaZulu-Natal.

URamatsoel­e uthe sebeqalile ukwazisa abantu abasuke bevule amacala ukuthi ngubani umphenyi wecala.

“Kumanje simatasa nobuchweph­eshe bokuthi umphakathi uhlale wazi ukuthi kwenzekani ngamacala. Sifuna umuntu azi uma icala seliya enkantolo, uma seliqaliwe ukuqulwa noma uma sekuphume isinqumo. Siyazi ngezikhalo zomphakath­i zokuthi awaziswa lutho ngokuqhube­ka kwamacala. Abanye bakhala ngokuthi baze bezwe sekwadlula isikhathi ukuthi icala lahoxiswa noma lamthetha owayesolwa.”

Uthe amacala awaphenywa ngokuthi umuntu ukusiphi isigaba kodwa linikwa umuntu onamava.

“Ngenxa yokushoda kwezikhala, uthola ukuthi umuntu ungu-Constable noma nguWarrant Officer iminyaka eyevile kwewu-10. Abantu baye bakhale ngokuthi amacala abo aphenywa ngabantu abango-Warrant Officer noma oContable. Icala linikwa umuntu onamava kungakhath­alekile isigaba sakhe ngoba uthola ukuthi unguWarran­t Officer impela kodwa unamava. Yingakho uthola ukuthi amanye amacala aphenywa ngabantu okuthiwa basemazing­eni aphansi ngoba omunye usuke enamava eminyaka eminingi kodwa ngenxa yokuthi azikho izikhala umthole ehleli endaweni eyodwa,” kuqhuba uRamatsoel­e.

Ohola ubufakazi kwikhomish­ini, u-Advocate Bheki Manyathi, uthe ofakazi abebefakaz­a bakhalile ngokuthi amanye amacala anzima aphenywa ngamaphoyi­sa afikayo ebuphoyise­ni.

Ubalule nokuthi kunesikhal­o ngokuthi luhamba kancane uhlelo lokubuya kwemiphume­la yokuhlolwa kwezidumbu ikakhulu uma kuthinta indaba kashevu.

URamatsoel­e uvumile ukuthi kuhamba kancane ukubuyiswa kwemiphume­la ikakhulu uma kunezinto ezithinta ushevu emzimbeni ngoba okunye ukuhlolwa bakwenza ngokuseben­zisana nomnyango wezempilo.

Kube nesikhalo emndenini wekhansela laseMzimkh­ulu elabulawa nyakenye, uMnuz Sindiso Magaqa, ukuthi ubusalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sakhe okwenziwa ePitoli.

Ubalule nokuthi kwamanye amacala, okubalwa kuwo ukuthunaza isithunzi somuntu namanye athinta ukushaya, uthola ukuthi achithwa ngumshushi­si angafiki nasenkanto­lo wathi yingakho uthola ukuthi amanye agcina engafinyel­eli enkantolo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa