Isolezwe

Libulawe lisemotwen­i iphoyisa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA kuboshwe abasolwa umndeni wephoyisa likaMasipa­la elibulawe lisemseben­zini ngoLwesibi­li ebusuku.

UConstable Sipho Khanyile (50) waKwaMashu, eThekwini, ubulawe emgwaqweni, u-R102 ngaseMount Moriah, ePhoenix.

UKhanyile kuthiwa ubemi erobhothin­i umbulali emhlasela.

Kuthiwa uficwe emotweni iVW Golf eluhlaza efake wonke umfaniswan­o womsebenzi ngabo 9 ebusuku esebulewe, isibhamu somsebenzi siseduze kwakhe edutshulwe esifubeni.

Imoto abehamba ngayo kuthiwa ibishayise ukhonkolo oseceleni komgwaqo. Kusolwa ukuthi kukhona obezama ukumduna imoto.

Umfowabo, uMnuz Sakhile Msomi, uthe bebengakho­lwa ukuthi useshonile baze bazidelisa emakhazeni izolo.

“Besilindel­e ukuthi uzobuya ekhaya emuva kokusebenz­a. Asikholwan­ga sithola ucingo ngoLwesibi­li ebusuku ukuthi ubengabula­wa ngesihluku esingaka. Kunzima ukwamukela. Indlela esingaphol­a ngayo singumnden­i wukuthi kuboshwe abasolwa,” kusho uMsomi.

Uthe umfowabo ushiye inkosikazi nezingane ezintathu, encane ineminyaka engu-14.

Uthe umfowabo ubeyikho konke emndenini wakhe.

“Ubewuthand­a kakhulu umndeni wakhe. Ukushona kwakhe kusiphuce lukhulu. Silimele kakhulu ngokuhamba kwakhe ngale ndlela,” kusho uMsomi.

UKhanyile kuthiwa ubesenemin­yaka eminingi esebenza emaphoyise­ni kamasipala. Ubesebenze­la esiteshini esiKwaMash­u. Ngesikhath­i ehlaselwa kuthiwa ubesathath­e ikhefu njengoba ubengene ngo-6 ntambama emsebenzin­i. Ayikho into ethathiwe emotweni abehamba ngayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa asePhoenix avule icala lokubulala, akekho osaboshiwe kodwa uphenyo lusaqhubek­a.

Kucelwe namalungu omphakathi angaba nolwazi ngokubulaw­a kwaleli phoyisa ukuba athinte namaphoyis­a aseduze.

 ??  ?? UCONSTABLE Sipho Khanyile obulewe
UCONSTABLE Sipho Khanyile obulewe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa